INTSHA IYABUZA
Kuthiwani Uma Abazali Bami Bedivosa?
Kwezinye zezinto ezicindezela kakhulu intsha ukudivosa kwabazali bayo. Ungabhekana kanjani nalobu buhlungu?
Okukulesi sihloko
Izinto ezintathu okufanele uzigweme
1. Ukuzisola wena
“Umama wake wathi kimi, izinkinga phakathi kwakhe nobaba zaqala lapho kuzalwa mina, ngakho ngaphetha ngokuthi umshado wabo awuphumelalanga ngenxa yami.”—UDiana.
Khumbula lokhu: Abazali bakho abadivosi ngenxa yakho. Kungenxa yezinkinga eziphakathi kwabo bobabili. Awusiyo imbangela yezinkinga zabo futhi ngeke ukwazi ukuzixazulula. Yibona okufanele balungise izinkinga zabo.
2. Ukufukamela intukuthelo
“Ngimthukuthelele ubaba ngokungathembeki kumama. Kuyoba nzima ngami ukuphinde ngimethembe.”—URianna.
Khumbula lokhu: Kufanele ukuba uthukuthele futhi ucasukile ngenxa yalokho okwenzeka kubazali bakho, kube kufanele. Kodwa ukufukumela intukuthelo akukuhle. Kungalimaza impilo yakho nemizwelo yakho. Yingakho kuthiwa ukufukamela inzondo kufana nokudla ushevu bese ulindela ukuba kugule lo muntu omthukuthelele. a
3. Ukungabaza ukuthi uzokwazi ukuba nomshado ojabulisayo
“Ngiyasaba ukuthi ngizokwenza lokho okwenziwa ubaba wami. Ngisaba ukuthi uma ngishada ngiba nezingane ngizokwenza izinto ezaholela ekutheni abazali bami badivose.”—UJessica.
Khumbula lokhu: Ukuthi umshado wabazali bakho awuzange uphumelele, akusho ukuthi nowakho ngeke uphumelele. Empeleni ungafunda izifundo ezibalulekile kulokho okwenzeke kubazali bakho. Ngokwesibonelo kungakwenza unakisise izinto ozidingayo kumuntu ongaba umngani wakho womshado. Umshado wabazali bakho ongaphumelelanga ungakugqugquzela ukuba ube nezimfanelo ezizokusiza ube umyeni omuhle noma inkosikazi enhle.
Izinto ezintathu ongazenza
1. Khuluma. Abantu abavalela ngaphakathi imizwa engemihle bavame ukwenza izinto ezibalimazayo, njengokusebenzisa kabi utshwala noma izidakamizwa. Kunokuba uvalele imizwa ngaphakathi, zama lokhu okulandelayo:
Khuluma nabazali bakho. Uma abazali bakho bezama ukukufaka ezindabeni zabo, ngomoya ozolile bachazele ukuthi lokho kukwenza uzizwe kanjani. Uma ukuthola kunzima ukukhuluma nabo, ungababhalela incwadi.
Khuluma nomngani omethembayo. Ukuba nomuntu ongakulalela kungaba usizo olukhulu. IBhayibheli lithi “umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.
Khuluma noMdali wakho. UJehova uNkulunkulu “olalela imithandazo,” uyohlale ekulalela. (IHubo 65:2) IBhayibheli lithi ‘ungaphonsa zonke izinkathazo zakho kuye, ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.
Yimuphi umzali okwazi ukukhuluma naye kahle ngesizotha?
Yimuphi umngani othembekile ongaba phakathi kwabantu oya kubo lapho udinga usizo ngale ndaba?
Yiziphi izinto ongazithandazela?
2. Vumelana nezimo
Idivosi yabazali bakho ingaletha ushintsho ezintweni eziningi, ukuba nekhaya elisha, isikole esisha, ushintsho kwezezimali ngisho nokuba nabangani abasha. Kuyaqondakala uma lonke lolu shintsho lungakwenza uzizwe ucindezelekile kakhulu futhi uzizwe uphelelwe umhlaba. Yini ongayenza ukuze wenze lolu shintsho lube lula kuwena? Zama ukugxila ekutheni ungazivumelanisa kanjani nezimo ezintsha.
Yiluphi ushintsho olukhulu okuye kwadingeka ulwenze ngenxa yedivosi yabazali bakho?
Yiziphi izinto ongazenza ukuze ujwayelane nalolu shintsho?
3. Kwazi okwenza kahle
Ukudivosa kwabazali bakho nakuba kungakubangela ukukhathazeka okukhulu, kungakusiza uzazi nakakhulu izinto okwazi ukuzenza kahle. Ungaze ufunde nezintsha. UJeremy, onabazali abadivosa lapho eneminyaka engu-13 uthi, “Idivosi yabazali bami yangiphoqa ukuba ngisheshe ngikhule. Ngiyingane yokuqala, ngakho kwadingeka ngisize umama kakhudlwana futhi ngisekele nobhuti wami omncane.”
Ngemva kwedivosi yabazali bakho, yiziphi izinto oye wathola ukuthi ukwazi ukuzenza kahle?
Yini ongathanda ukuyithuthukisa kakhudlwana?
a Ukuze ufunde okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?”