Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Kuthiwani Uma Ngingasithandi Isikole?

Kuthiwani Uma Ngingasithandi Isikole?

 Othisha abanesandla esiqinile. Ukucindezelwa ontanga. Izivivinyo ezicindezelayo nomsebenzi wesikole omningi. Kuyaqondakala uma uthi awusithandi isikole. a Osemusha okuthiwa uRachel b uthi:

 “Ngincamela ukuba kwenye indawo kunokuba ngibe sesikoleni. Ngingamane ngiye olwandle noma ngibe nabangani bami noma ngisize abazali bami ngokupheka ngisho nangokuhlanza indlu imbala!”

 Uma uzizwa njengoRachel, iminyaka oyichitha esikoleni ingase ifane nokudonsa isigwebo ejele okumele usikhuthazelele uze ulanyulelwe ukuba uqede esikoleni. Ikhona yini indlela engcono yokubheka le minyaka oyichitha usesikoleni?

 Ingabe bewazi? Lapho uba nombono omuhle ngesikole, uyasilawula isimo, uyeke ukubheka isikole njengento okumele nje uyikhuthazelele. Kufana nokuthi, isikole siba yithuluzi elikusiza ulole amakhono ozowadinga uma usumdala.

 Ukuze ube nombono omuhle ngesikole, zama ukugxila kulezi zinto ezilandelayo:

 Imfundo oyitholayo. Lapho uba nolwazi olwengeziwe, uyokwazi kangcono ukuzixazululela izinkinga oyobhekana nazo ngokuhamba kwesikhathi, kungaba semsebenzini nakwezinye izimo, kunokuba uncike kwabanye ukuba bakuxazululele zona. Zibuze, ‘Ngisho noma kunezinto engingazithandi ngesikole, imfundo engiyithola khona ingizuzisa kanjani?’

 Okushiwo iBhayibheli: “Londa ukuhlakanipha nekhono lokucabanga.”—IzAga 3:21.

 Ukuze ufunde okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Kuthiwani Uma Ngifeyila Esikoleni?

 Izejwayezi zakho. Ukuba sesikoleni kungakufundisa amakhono ozowadinga uma usumdala, njengokuhlela kahle isikhathi sakho, ukuzikhuza nokusebenza kanzima. Zibuze: ‘Ukuba sesikoleni kungisiza kanjani ukuba ngikwazi ukuzikhuza nokuba yisisebenzi esikhuthele? Kukhona yini lapho engingathuthukisa khona?’

 Okushiwo iBhayibheli: “Kukhona inzuzo kuzo zonke izinhlobo zomsebenzi onzima.”—IzAga 14:23.

 Ukuze ufunde okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Ngingasihlela Kanjani Isikhathi Sami?

 Ubuhlobo bakho nabanye. Ukuba nezingane ofunda nazo kungakusiza ube nozwela futhi ubahloniphe abanye. Insizwa okuthiwa uJoshua, ithi “Ukufunda indlela yokukhulumisana nabanye kubaluleke njengokufunda i-history nesayensi. Ikhono ozolidinga impilo yakho yonke.” Zibuze, ‘Isikole siye sangisiza kanjani ngakwazi ukuphilisana nabanye—ngisho nalabo abanesizinda esingafani nesami noma izinkolelo ezihlukile kwezami?’

 Okushiwo iBhayibheli: “Lwelani ukuba nokuthula nabantu bonke.”—Hebheru 12:14.

 Ukuze ufunde okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Ngingayithuthukisa Kanjani Indlela Engikhuluma Ngayo Nabanye?

 Ikusasa lakho. Isikole singakusiza ubone amakhono akho bese ukwazi ukubeka imigomo ngokwamakhono akho. Intokazi okuthiwa uBrooke ithi: “Isikole singakusiza, njengoba sangisiza nami, ube nekhono emkhakheni othile ukuze lapho uqeda isikole ukwazi ukuthola umsebenzi kulowo mkhakha.” Zibuze: ‘Ngizozinakekela kanjani lapho sengisiqedile isikole? Ngingaqiniseka kanjani ukuthi izifundo engizifundayo zizongisiza ukuba ngikwazi ukwenza umsebenzi engiwufunayo?’

 Okushiwo iBhayibheli: “Zazi ukuthi uyaphi.”—IzAga 4:26, Contemporary English Version.

a Izinto eziningi esixoxe ngazo kulesi sihloko zizobasiza nabasebasha abafunda besekhaya.

b Amanye amagama ashintshiwe.