Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingawanqoba Kanjani Amahloni?

Ngingawanqoba Kanjani Amahloni?

 Izindaba ezimbi: Amahloni angabangela ukuba ulahlekelwe ithuba lokwakha abangani abazokusiza futhi uphuthelwe nayizikhathi ezimnandi.

 Izindaba ezinhle: Ukuba namahloni akukubi ngaso sonke isikhathi. Kungakwenza ucabange ngaphambi kokuba ukhulume, ube umuntu oqaphelisisayo futhi ube isilaleli esihle.

 Izindaba ezinhle nakakhulu: Ukuba namahloni manje akusho ukuthi uzohlale unamahloni, ngakho ungakwazi ukulawula indlela akuthinta ngayo. Lesi sihloko sizokubonisa ukuthi ungakwenza kanjani lokho.

 Yazi ukuthi yini oyesabayo

 Ukuba namahloni kungakwenza ugweme ukukhuluma nabantu ubuso nobuso. Ngenxa yalokho, ungase uzizwe uqhelelene nabanye, kube sengathi uvalelwe wedwa endlini emnyama. Lokho kungakwenza wesabe. Kodwa uma wazi ukuthi yini oyesabayo, ungabona ukuthi asikho isidingo sokwesaba. Cabanga ngezibonelo ezintathu.

  •   Ukwesaba #1: “Angazi ukuthi ngikhulume ngani.”

     Iqiniso: Abantu bakhumbula indlela obenza bazizwe ngayo kunalokho okushoyo. Ungakulawula ukwesaba kwakho ngokuthuthukisa indlela olalela ngayo, ngokuba uzimisele ukwazi ukuthi abanye bafuna ukuthini.

     Ongacabanga ngakho: Uthanda umngani onjani wena—othanda ukukhuluma njalo noma oyisilaleli esihle?

  •   Ukwesaba #2: “Abantu bazocabanga ukuthi ngiyabhora.”

     Iqiniso: Abantu bayohlale benokuthile abakucabangayo ngawe kungakhathaliseki ukuthi unamahloni noma awunawo. Ungakulawula ukwesaba kwakho—futhi usize abantu bacabange okuhle ngawe—uma ubenza babone ukuthi uwuhlobo olunjani lomuntu.

     Ongacabanga ngakho: Uma ucabanga ukuthi abanye abanawo umbono omuhle ngawe, kungenzeka yini ukuthi uwena onombono ongemuhle ngabo?

  •   Ukwesaba #3: “Ngizophoxeka uma ngisho into engafanele.”

     Iqiniso: Ngezinye izikhathi lokho kuyenzeka kuwo wonke umuntu. Ungalawula ukwesaba kwakho ngokubheka amaphutha akho njengethuba lokubonisa abanye ukuthi nawe uyawenza amaphutha.

     Ongacabanga ngakho: Awukujabuleli yini ukuba nabantu abavumayo ukuthi bayawenza amaphutha?

 Ingabe bewazi? Abanye abantu bacabanga ukuthi abanawo amahloni ngoba bathumelela abanye imiyalezo eminingi. Kodwa ubungani bangempela bakheka kalula lapho uxoxa nabantu ngokoqobo. Isazi sokusebenza kwengqondo nezobuchwepheshe uSherry Turkle uyabhala: “Lapho sibonana ubuso nobuso nalapho sizwa amaphimbo omunye nomunye, yilapho sisondelana khona kakhulu.” a

Lapho uqala ukulawula ukwesaba kwakho, ungase uthole ukuthi ukuxoxa ubuso nobuso nabanye akwesabisi njengoba ubucabanga

 Hlela ongakwenza

  •   Gwema ukuziqhathanisa nabanye. Akudingeki ube yiqaphuqaphu. Kunalokho, umgomo wakho kumele kube ukulawula amahloni ukuze ungalahlekelwa ithuba lokwakha abangani abazokusiza futhi ungaphuthelwa nayizikhathi ezimnandi.

     “Izingxoxo akudingeki zibe zinde kakhulu futhi kunakwe wena. Vele uzethule kumuntu ongamazi noma umbuze imibuzo embalwa.”—U-Alicia.

     Isimiso seBhayibheli: “Yilowo nalowo makahlole izenzo zakhe, khona-ke uyoba nesizathu sokujabula ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”—Galathiya 6:4.

  •   Qaphelisisa. Buka abantu abakuthola kulula ukuxoxa nabanye, uqaphele indlela abaxoxa ngayo nabo. Yini ebasizayo? Yini engasizi? Yimaphi amakhono abo owathandayo wena ongazama ukuba nawo?

     “Nakisisa futhi ufunde kubantu abenza abangani kalula. Buka indlela abenza ngayo nalokho abakushoyo lapho bebona umuntu okokuqala.”—U-Aaron.

     Isimiso seBhayibheli: “Njengoba nje insimbi ilola enye insimbi, nomuntu ulola umngani wakhe.”—IzAga 27:17.

  •   Buza imibuzo. Abantu bayathanda ukuveza imibono yabo ngezinto ezithile, ngakho ukubabuza imibuzo kuyindlela enhle yokuqala ingxoxo nabo. Kwenza nokuba abantu bangagxili kuwe.

     “Ukulungiselela kusengaphambili kungakusiza unciphise ukukhathazeka. Ungacabanga ngisho nangezinto ongaxoxa ngazo noma ngemibuzo ongayibuza ngaphambi kokuya embuthanweni ukuze ungesabi lapho uxoxa nabantu ongabazi.”—U-Alana.

     Isimiso seBhayibheli: “Ningacabangeli izindaba zenu nje kuphela, kodwa [nikhathalele] nabanye.”—Filipi 2:4.

a Ithathwe encwadini ethi Reclaiming Conversation.