INTSHA IYABUZA
Yini Engingayenza Uma Umngane Wami Engiphatha Kabi?
Okufanele ukwazi
Abekho abantu abangaxabani. Ngisho nomngane wakho omkhulu uyawenza amaphutha, ngakho angasho noma enze into ezokuphatha kabi. Nawe uyawenza amaphutha. Akekho yini umuntu owake wamphatha kabi?—Jakobe 3:2.
Ngenxa ye-Internet, sekulula ukubona izinto ezingakuphatha kabi. Ngokwesibonelo, osemusha okuthiwa uDavid uthi: “Kungenzeka ukuthi ukuyi-Internet bese ubona izithombe zabangane bakho besemcimbini, ungase uzibuze ukuthi kungani wena ungamenywanga bese uphatheka kabi.”
Ungakwazi ukuyixazulula le nkinga.
Ongakwenza
Zihlole. IBhayibheli lithi: “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho, ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.”—UmShumayeli 7:9.
“Ngezinye izikhathi ubona kamuva ukuthi into ekuphathe kabi empeleni ibiwubala.”—U-Alyssa.
Ongacabanga ngakho: Ingabe usheshe uzwele? Ungakwazi yini ukubabekezelela kakhudlwana abanye?—UmShumayeli 7:21, 22.
Cabanga ngezinzuzo zokuthethelela. IBhayibheli lithi: “Kungubuhle . . . ukweqa isiphambeko.”—IzAga 19:11.
“Ngisho noma unesizathu sokuphatheka kabi, kuhle ukuthethelela. Lokhu kusho ukungalokhu ukhumbuza umuntu ngento ayenza futhi umenze axolise njalo. Uma usumxolele, yidlulise leyo nto.”—UMallory.
Ongacabanga ngakho: Ingabe leyo nto ibaluleke ngempela? Ungakwazi yini ukuvele uxole ukuze kube nokuthula?—Kolose 3:13.
Cabanga ngalowo muntu. IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.
“Uma wena nomngane wakho nithandana futhi nihloniphana, nizosheshe nizixazulule izinkinga ngoba nifuna ubungane benu buqhubeke. Nibusebenzele kanzima, ngakho anifuni buphele.”—UNicole.
Ongacabanga ngakho: Ungakwazi yini ukuzama ukuqonda ukuthi kungani ezizwa ngendlela azizwa ngayo?—Filipi 2:3.
Iphuzu elibalulekile: Ukwazi ukuthi yini ongayenza lapho othile ekuphathe kabi kuyikhono eliyokusiza ngisho usumdala. Kungani ungalifundi manje?