Dlulela kokuphakathi

INGABE KWADALWA?

Ikhono Lamangqamuzana Lokwenza Imisebenzi Ekhethekile

Ikhono Lamangqamuzana Lokwenza Imisebenzi Ekhethekile

 Lapho wakheka, ukuphila kwakho kwaqala kuyingqamuzana elincane elilodwa elibizwa ngokuthi i-zygote, ebonakala ngesibonakhulu kuphela. Noma kunjalo, ezinyangeni ezimbalwa kamuva wawusungumuntu ophelele. Lelo ngqamuzana elilodwa laphindaphindeka laba izinhlobo ezihlukahlukene zamangqamuzana angaphezu kuka-200 angalingani, angafani nenza imisebenzi engafani.

 Cabanga ngalokhu: I-zygote ine-DNA, ibe seyenza enye i-DNA efana nale enayo, bese ihlukana kabili ibe amangqamuzana afanayo. Lawa mangqamuzana abe esephindaphinda le nqubo izikhathi eziningana. Ekuqaleni wonke lawa mangqamuzana amasha asuke efana. I-DNA yengqamuzana ngalinye inayo yonke imininingwane edingekayo ukuze kwakheke uhlobo oluthile lwengqamuzana.

 Ngemva kwesonto elilodwa umuntu ekhulelwe, amangqamuzana aqala ukuhlukana enze imisebenzi emibili ekhethekile. Amanye amangqamuzana aba umbungu, amanye abe umzanyana kanye nezicubu ezisiza umbungu ukhule.

 Ngesonto lesithathu, amangqamuzana ombungu ayahlukana abe izingxenye ezintathu ezilekene. Amangqamuzana angaphezulu ngokuhamba kwesikhathi azoba yizinzwa, ubuchopho, umlomo, isikhumba esingaphandle namanye amangqamuzana. Amangqamuzana asengxenyeni ephakathi azoba igazi, amathambo, izinso, imisipha nezinye izicubu. Amangqamuzana angaphansi azoba izitho zomzimba ezinjengamaphaphu, isinye nengxenye enkulu yenqubo yokugaya ukudla.

Njengoba ingane engakazalwa ikhula, amangqamuzana ayaphindaphindeka abe amangqamuzana ahlukahlukene angaphezu kuka-200 enza imisebenzi ekhethekile

 Phakathi nesikhathi sokukhulelwa amanye amangqamuzana ayathutha, kungaba ingqamuzana ngalinye noma eyiqembu, esuka kwenye ingxenye yombungu aye kwezinye izingxenye zombungu. Amanye amangqamuzana ayahlangana andlaleke noma agoqane abe izintambo noma izikhala. Ukuze enze lezi zinto amangqamuzana kudingeka abambisane ngendlela emangalisayo. Ngokwesibonelo, kunesikhathi lapho amangqamuzana andlalekile ezisonga khona abe amashubhu amancane. Lokhu kwenzeka ngesikhathi esisodwa ezindaweni ezihlukahlukene zombungu. Lawa mashubhu aqala ukunwebeka abe imixhantela, ekugcineni ahlangane abe inqubo yokuhamba kwegazi.

 Lapho ingane ewumqemane isizalwa, amangqamuzana ayo ayizigidigidi asuke esehleleke ngokukhethekile aba uhlobo olufanele, aba sendaweni efanele ngesikhathi esifanele.

 Ucabangani? Ingabe ikhono lengqamuzana lokuzihlela ukuze lenze imisebenzi ekhethekile lazivelela? Noma ingabe ladalwa?