Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Izingane Nezinkundla Zokuxhumana—Ingxenye 1: Ingabe Ingane Yami Kufanele Izisebenzise Izinkundla Zokuxhumana?

Izingane Nezinkundla Zokuxhumana—Ingxenye 1: Ingabe Ingane Yami Kufanele Izisebenzise Izinkundla Zokuxhumana?

 Kwenye inhlolovo, intsha engamaphesenti angu-97 yathi iyazisebenzisa izinkundla zokuxhumana. Ingabe neyakho ingane ifuna ukungena kulo mshungu? Uma kunjalo, kunezinto ezimbalwa okufanele ucabange ngazo.

Kulesi sihloko

 Indlela ingane yakho esisebenzisa ngayo isikhathi sayo

 “Izinkundla zokuxhumana zenzelwe ukulutha ingqondo yakho, zikwenze uhlale uku-inthanethi, ulokhu ubheka ifoni yakho ukuthi yini enye esifakiwe,” kusho iwebusayithi i-HelpGuide.

 “Imizuzu iphenduka amahora njengoba ngilokhu ngibheka inqwaba yezinto ezifakwe ekhasini lenkundla yokuxhumana. Kuba nzima kakhulu ukubeka ifoni phansi bese uthola enye into ebalulekile ozoyenza.”—ULynne, oneminyaka engu-20.

 Zibuze: Ingane yami izokwazi yini ukuzibamba ukuze ihloniphe imingcele engiyibekile yokusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana? Ingane yami ivuthwe ngokwanele yini ukuba izibekele eyayo imingcele bese iyayihlonipha?

 Okushiwo IBhayibheli: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo . . . injengeyabahlakaniphile, nisisebenzise kahle isikhathi senu.”—Efesu 5:15, 16.

Ukuvumela ingane yakho ukuba isebenzise izinkundla zokuxhumana ngaphandle kokuyibekela imingcele kufana nokuyivumela igibele ihhashi ingaqeqeshiwe

 Lokho ingane yakho ekucabangayo ngabangani

 ‘Izinkundla zokuxhumana’ zakhelwe ukwenza abantu bazizwe sengathi banabangani abaningi. Nokho, ngokuvamile lobo bungani buyakhohlisa.

 “Ngiphawule ukuthi intsha eningi yenza iphutha lokucabanga ukuthi uma bebaningi abantu abathanda izinto ezinameke emakhasini ayo ezinkundla zokuxhumana noma inabalandeli abaningi, lokho kusho ukuthi baningi abantu abayikhathalelayo, ngisho noma ingabazi ngempela labo bantu.”—UPatricia, oneminyaka engu-17.

 Zibuze: Ingabe ingane yami ivuthwe ngokwanele ukuba yazi ukuthi ukuba nabalandeli abaningi nokuthandwa ezinkundleni zokuxhumana akuyona into ebalulekile? Iyakwazi yini ukwakha abangani ngaphandle kokusebenzisa izinkundla zokuxhumana?

 Okushiwo IBhayibheli: “Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

 Indlela ezothinteka ngayo injabulo yengane yakho

 Abacwaningi baphawule ukuthi lapho abantu besebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana, bavame ukuzizwa benesizungu, bekhathazekile futhi becindezelekile.

 “Ukubona izithombe zezinto ezenziwa abangani bakho ungekho wena akumnandi nhlobo.”—USerena, oneminyaka engu-19.

 Zibuze: Ingane yami izokwazi yini ukugwema ukuzicabangela yona yodwa, ukuba nomoya wokuncintisana noma ukuthonywa yilokho ebona abanye bekwenza ezinkundleni zokuxhumana?

 Okushiwo IBhayibheli: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.”—Galathiya 5:26.

 Lokho ingane yakho ezokwenza ku-inthanethi

 Izinkundla zokuxhumana zingase zikhuthaze abantu ukuba bahlukumeze abanye ku-inthanethi, bathumelelane imiyalezo yocansi, babuke nezithombe zocansi. Ngisho noma ingane yakho ingazenzi lezi zinto, ingase ichayeke kuzo.

 “Ngiphawule ukuthi ezinkundleni zokuxhumana kulula ukuba into efakiwe ebonakala ingeyimbi iphenduke ibe yimbi. Kunenhlamba nomculo okhuthaza ukuziphatha okubi.”—ULinda, oneminyaka engu-23.

 Zibuze: Ingane yami ikhule ngokwanele yini ukuba ingakwazi ukusebenzisa i-inthanethi ngokuhlakanipha? Izoba naso yini isibindi sokugwema izinto ezingalungile ku-inthanethi?

 Okushiwo IBhayibheli: “Ukuziphatha kabi ngokocansi nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, . . . noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma amahlaya angcolile.”—Efesu 5:3, 4.

 Ziyadingeka yini izinkundla zokuxhumana?

 Umuntu akazidingi izinkundla zokuxhumana ukuze aphile noma ajabule. Intsha eningi yanelisekile ngokungazisebenzisi izinkundla zokuxhumana—kuhlanganise neyake yazisebenzisa yaphinde yaziyeka.

 “Ngemva kokubona indlela usisi wami alimala ngayo ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana, nganquma ukuziyeka. Kusukela ngayeka ukuzisebenzisa, ngijabule kakhulu futhi nginomuzwa wokuthi ziningi izinto esengikwazi ukuzenza.”—UNathan, oneminyaka engu-17.

 Iphuzu elibalulekile: Ngaphambi kokuvumela ingane yakho ukuba isebenzise izinkundla zokuxhumana, qiniseka ukuthi ivuthwe ngokwanele ukuba ingakwazi ukuhlonipha imingcele oyibekele yona, izokwazi ukuba nabangani abakahle futhi igweme izinto ezingalungile ku-inthanethi.

 Okushiwo IBhayibheli: “Okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.