USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE
Izingane Namafoni Esimanje—Ingxenye 1: Ingabe Ingane Yami Kufanele Ibe Nefoni Yesimanje?
Inani elandayo lezingane linamafoni esimanje a futhi eziningi ziwasebenzisela ukungena ku-inthanethi zingabonwa muntu emakamelweni azo. Ziyini izingozi zokuvumela ingane yakho ibe nefoni yesimanje? Ziyini izinzuzo? Kufanele zichithe isikhathi esingakanani zigqolozele le mishini?
Okufanele ukwazi
Izinzuzo
Ukuphepha kwezingane, ukuthula kwengqondo kubazali. UBethany, ongumama wezingane ezimbili ezisanda kuba neminyaka engaphezu kweyishumi nambili uthi: “Siphila ezweni eliyingozi. Kubalulekile ukuba izingane zikwazi ukuxhumana nabazali bazo.”
Umama ogama lakhe linguCatherine uyenezela. Uthi: “Ungaxhuma efonini yengane yakho ubone ukuthi ikuphi usebenzisa amanye ama-app. Uma ishayela imoto, ungakwazi ngisho nokubona ijubane ehamba ngalo.”
Usizo ngomsebenzi wesikole. Umama ogama lakhe nguMarie uthi: “Izingane zithola umsebenzi wesikole wasekhaya nge-email noma ngomyalezo wefoni, futhi nazo zingathintana nothisha bazo ngendlela efanayo.”
Izingozi
Ukuchitha isikhathi esiningi efonini. Intsha ngokuvamile ichitha amahora amaningi ngosuku emafonini ayo. Empeleni, abazali bachitha isikhathi esiningi bematasa emishinini yabo yezobuchwepheshe kunaleso abasichitha bexoxa nezingane zabo. Omunye umeluleki uyichaza ngale ndlela, eminye imindeni “seyiyindawo okubuthana kuyo izihambi zihlale, zigxile emishinini yazo.” b
Izithombe zocansi ezingcolile. Ezinye izibalo zibonisa ukuthi, bangaphezu kwengxenye abasanda kuba neminyaka engaphezu kweyishumi nambili abacinga izithombe zocansi ezingcolile nyanga zonke—okuyinto engamangazi, uma sicabanga indlela ezitholakala kalula ngayo emishinini yezobuchwepheshe ephathwayo. UWilliam, ongubaba wabasebasha ababili uthi: “Lapho abazali bevumela ingane yabo ibe nefoni yesimanje, bengaqondile bangavula isitolo sezithombe zocansi esihamba nengane noma ngabe iya kuphi.”
Ukuba umlutha. Abantu abaningi bawathanda ngokwedlulele amafoni abo. Uma idukile, bathi bayethuka, bakhungatheke, bagula ngisho nokugula. Abanye abazali baye baphawula ukuthi izingane zabo ziba luhlaza lapho zigxile emafonini azo. UCarmen uthi: “Ngezinye izikhathi lapho ngifuna ukukhuluma nendodana yami, ingigingqela amehlo noma iphendule ngendelelo ngoba ingafuni ukuphazanyiswa.”
Izingozi ezengeziwe. Ukusebenzisa amafoni esimanje kungaletha izingozi zokuhlukunyezwa ku-inthanethi noma ukuthumelelana imiyalezo yocansi futhi kungaholela ezinkingeni zempilo eziningana izibangelwa ukungahlali ngendlela efanele nokungalali. Enye intsha isebenzisa “i-app ekhohlisayo”—i-app ebonakala sengathi imsulwa, njenge-calculator—ukuze ifihle izinto engafuni zibonwe abazali bayo.
UDaniel, ubaba wentombazane eseyintsha uyifingqa ngala mazwi le ndaba: “La mafoni esimanje avula umnyango ongenisa zonke izinto eziku-inthanethi—ezinhle nezimbi.”
Okufanele uzibuze kona
‘Ingabe ingane yami iyayidinga ifoni?’
IBhayibheli lithi: “Okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Unalokhu engqondweni, zibuze:
‘Ingabe ingane yami kufanele ibe nefoni yesimanje ngenxa yezimo zokuphepha noma ezinye izimo? Ingabe ngizihlolisisile izinzuzo kanye nezingozi? Ingabe ikhona enye into engasebenza esikhundleni sefoni yesimanje?’
Ubaba ogama lakhe linguTodd uthi: “Amafoni avamile asatholakala, futhi uyakwazi ukuthintana nengane yakho ngokuthumela umyalezo noma ngokuyishayela ucingo usebenzisa wona. Uphinde wonge nemali eningi.”
‘Ingabe ingane yami iwulungele lo mthwalo?’
IBhayibheli lithi: “Inhliziyo yohlakaniphile imholela endleleni efanele.” (UmShumayeli 10:2) Unalokho engqondweni, zibuze:
‘Yini engenza ngiqiniseke ukuthi ngingayethemba ingane yami? Ingabe kwamanje ayingifihleli lutho? Ingabe ingane yami inenkinga yokungathembeki, mhlawumbe iyafihla ukuthi obani abangane bayo? Ingabe iyakwazi ukuzibamba lapho isebenzisa eminye imishini yezobuchwepheshe, okuhlanganisa i-TV, i-tablet noma i-laptop?’ Umama ogama lakhe linguSerena uthi: “Ifoni yesimanje iyithuluzi elimangalisayo kodwa futhi elinamandla. Cabanga ngomthwalo owubeka emahlombe engane yakho njengoba isencane.”
‘Ingabe ngiwulungele lo mthwalo?’
IBhayibheli lithi: “Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo.” (IzAga 22:6) Unalokho engqondweni, zibuze:
‘Ingabe nginolwazi olwanele ngefoni ukuze ngisize ingane yami iqonde izinto ezingaba yingozi futhi izigweme? Ingabe ngiyakwazi ukulawula indlela yokuyisebenzisa ehlelwa umzali? Ngingayisiza kanjani ingane yami ikhethe kahle lapho isebenzisa ifoni?’ UDaniel, ubaba ocashunwe ekuqaleni uthi: “Sengibone abazali abaningi benikeza izingane zabo amafoni esimanje bese bezishiya zodwa lapho ziwasebenzisa.”
Iqiniso elibalulekile: Izingane zidinga ukuqeqeshwa ukuze zikwazi ukusebenzisa amafoni esimanje ngendlela efanele. Incwadi ethi Indistractable ithi: “Isilingo sokusebenzisa le mishini ngokweqile sikhulu kakhulu ukuba singalindela ukuba izingane zethu zikwazi ukumelana naso, ikakhulukazi uma engekho umzali ozozigada.”