USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE
Kuthiwani Uma Ingane Yami Ibhorekile?
Ingane yakho ivaleleke ekhaya futhi ayazi ukuthi yenzeni. Ithi, “Ngibhorekile!” Ngaphambi kokuba uthi ayivule i-TV noma idlale i-video game eyithandayo, nakhu ongacabanga ngakho.
Lokho abanye abazali abakufundile ngezingane ezibhorekile
Uhlobo lokuzijabulisa nesikhathi esichithwa kukho, kunganezela enkingeni. Ubaba ogama lakhe linguRobert uthi: “Kwezinye izingane ukuphila okuvamile kubonakala kubhora uma kuqhathaniswa nokubuka i-TV noma ukudlala ama-video game. Ukwenza izinto ezivamile akuzijabulisi.”
Umkakhe uBarbara naye uyavuma. Uthi: “Ukwenza izinto ezivamile kudinga ukucabanga nomzamo, imiphumela yako ayisheshi ukubonakala. Lokho kuyazibhora izingane ezichitha isikhathi esiningi zibukela i-TV noma zidlala ama-video game.”
Ukuchitha isikhathi esiningi ezinkundleni zokuxhumana kungaba nomphumela omubi endleleni umuntu azibheka ngayo. Ukubona lokho okwenziwa ontanga kungenza osemusha abone sengathi okwakhe ukuphila kuyabhora. Intombazane egama layo linguBeth ithi, “Kulula ukucabanga ukuthi, ‘Bonke abanye bayazijabulisa, mina ngivaleleke ekhaya.’”
Ngaphezu kwalokho, ukuchitha amahora amaningi ezinkundleni zokuxhumana kungashiya umuntu ezizwa enganelisekile—futhi esabhorekile. Insizwa egama layo linguChris ithi, “Kungase kukugcine umatasa, kodwa lapho usuqedile usuke ungenalutho oluzuzile.”
Ukubhoreka kungavula amathuba. Umama ogama lakhe linguKatherine uthi ukubhoreka kunikeza izingane ithuba lokubona amakhono ezinawo. Ngokwesibonelo, uthi: “Ingane ingenza ibhokisi libe indawo yokugcina izinto ezithandayo, mhlawumbe ingase ingene kulo ibhokisi, bese izicabanga isemotweni, esikebheni, noma kumkhumbi-mkhathi. Ingase ithathe ingubo yokulala imboze ifenisha njengetende.”
Yingakho uSherry Turkle, ongudokotela wengqondo, echaza ukubhoreka ngokuthi “yithuba lokufunda izinto ezintsha.” a Ngakho ukubhoreka akukubi kangako ngaso sonke isikhathi. Empeleni incwadi i-Disconnected ithi: “Ukubhoreka kujimisa ingqondo, njengoba nokuphakamisa izinsimbi kujimisa umzimba.”
Iphuzu elibalulekile: Ungabheki ukubhoreka kwezingane njengenkinga, kodwa kubheke njengethuba lokuzisiza zibone amakhono ezinawo.
Ongakwenza uma izingane zibhorekile
Uma kungenzeka, vumela izingane zakho zikwazi ukuyodlala ngaphandle. UBarbara, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Kuyamangaza ukuthi ilanga nomoya ohlanzekile kungasiza kangakanani ekuqedeni ukubhoreka. Lapho izingane zethu sezidlala ngaphandle, zakwazi ukucabanga izinto eziningi ezintsha ezingazenza!”
Okushiwo iBhayibheli: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into, . . . isikhathi sokuhleka [nesikhathi] sokugxumagxuma.”—UmShumayeli 3:1, 4, umbhalo waphansi.
Ongacabanga ngakho: Ngingakwazi yini ukunikeza izingane zami amathuba amaningi okudlala ngaphandle? Uma zingeke zikwazi ukudlala ngaphandle, yiziphi izinto ezingazenza endlini ezingazisiza zibone amakhono ezinawo?
Siza izingane zakho zicabangele abanye. Umama ogama lakhe linguLillian usikisela lokhu: “Gundelani osekhulile utshani noma nimuhhalele igceke, noma nipheke okuthile bese niyamhambisela. Ukwenzela abanye izinto kuyajabulisa ngempela.”
Okushiwo iBhayibheli: “Umuntu ophanayo uyochuma, noma ubani owenza abanye baqabuleke naye uyoqabuleka.”—IzAga 11:25.
Ongacabanga ngakho: Ungazisiza kanjani izingane zakho zikujabulele ukwenzela abanye izinto?
Beka isibonelo. Indlela okhuluma ngayo ngemisebenzi yakho yansuku zonke ingaba nomthelela ezinganeni zakho. Umama ogama lakhe linguSarah uthi: “Uma senza kuzwakale sengathi ukuphila kwethu kuyabhora, sifundisa izingane zethu ukuba nazo zibhoreke. Kodwa lapho siba nombono omuhle ngezinto, sisiza izingane ukuba nazo zenze njalo.”
Okushiwo iBhayibheli: “Onenhliziyo ejabulayo uhlale enedili.”—IzAga 15:15.
Ongacabanga ngakho: Yini izingane zami eziyizwayo lapho ngikhuluma ngemisebenzi yami yansuku zonke? Yini eziyibona ngiyenza uma ngibhorekile?
Icebiso: Siza izingane zakho zicabange izinto ezintsha ezingazenza. Umama ogama lakhe lingu-Allison uthi, “Sinebhokisi lapho wonke umuntu efaka khona izinto azibhalile, acabanga ukuthi singazenza.”
a Kuthathwe encwadini ethi Reclaiming Conversation.