USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE
Lokho Abazali Okufanele Bakwazi Ngezinkulisa
Abanye abazali abasebenzayo banquma ukuyisa izingane zabo ezingakangeni esikoleni enkulisa—isikhungo esisebenza ngendlela efanayo nekilasi. Ingabe lokho kungafaneleka enganeni yakho?
Imibuzo okufanele uyibuze
Ingabe inkulisa izophazamisa ukusondelana phakathi komzali nengane? Kungenzeka. Phakathi neminyaka yokuqala, ubuchopho bengane bukhula ngendlela esheshayo, ethinta indlela ebheka ngayo abanye. Zama ukuba nengane yakho kaningi ngangokunokwenzeka phakathi naleso sikhathi sokukhula.—Duteronomi 6:6, 7.
Abazali abacabanga ukuyisa ingane enkulisa kufanele bacabange ngokuthi yini abazoyenza ukuze bahlale besondelene nengane yabo.
Ingabe inkulisa iyolinciphisa ithonya lakho? Kungenzeka. Incwadi ethi Hold on to your Kids ithi: “Lapho ojahidada bechitha isikhathi esiningi nabanye, yilapho bethonywa khona kakhulu ontanga yabo.”
Abazali abacabanga ukuyisa ingane enkulisa kufanele bacabange ngokuthi bazokwazi yini ukuhlala benethonya elikhulu ekuphileni kwengane yabo.
Ingabe inkulisa izonika ingane yakho amathuba angcono emfundo lapho isiqala isikole? Abanye bathi yebo. Abanye bathi inkulisa inomthelela omncane noma ayinawo nhlobo ekukhuleni kwengqondo yengane. Kunoma yikuphi, isazi sezengqondo yezingane uPenelop Leach siyabhala: “Zama ukungalokothi ukholelwe ukuthi ‘imfundo’ iyisihluthulelo sokuphila okungcono nokuthi uma ingane yakho ithola imfundo eningi, futhi iyithola sizuka nje, kuzoba ngcono kakhulu. Uma ucabanga kanjalo, ungase uyibukele phansi ‘imfundo’ obulokhu uyinikeza ingane yakho kusukela izalwa.”
Abazali abacabanga ukuyisa ingane enkulisa kufanele bacabange ngokuthi ingabe kuyazuzisa yini nokuthi kuyadingeka ngempela yini.
Ingabe kungenzeka ukuba omunye wenu, kungaba nguwe noma oshade naye, ahlale ekhona ekhaya? Ezimweni eziningi, bobabili abazali basebenza ukuze nje balondoloze izinga eliphezulu lokuphila. Ingabe izinzuzo zalokho zizifanele izindleko zakho?
Abazali abacabanga ukuyisa ingane enkulisa kufanele bahlole ukuthi ngeke bakwazi yini ukunciphisa izindleko ukuze umzali oyedwa ahlale ekhaya.
Isinqumo sokuyisa ingane enkulisa kufanele senziwe ngemva kokuba sekubhekisiswe ngokucophelela izinzuzo nokulahlekelwa okungaba umphumela. Kuthiwani uma ngemva kokwenza kanjalo, nibona sengathi ukuyisa ingane enkulisa kuyisinqumo esihle somndeni wenu?
Ongakwenza
IBhayibheli lithi “okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Unalesi simiso engqondweni, cabangisisa ngokucophelela ngaphambi kokukhetha noma yiluphi uhlobo lwenkulisa.
Funda ngongakhetha kukho.
Abanye abazali bakhetha inkulisa esakhaya—indawo esakhaya enomnakekeli oyedwa noma abaningana kanye neqembu elincane lezingane.
Abanye abazali baba nesihlobo, umnakekeli abahlala naye, noma umzanyana ukuze agade ingane yabo.
Zonke lezi zindlela zinokuthile okuhle nokungekuhle. Kungani ungakhulumi nabanye abazali abaye basebenzisa uhlobo oluthile lwenkulisa? IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha okwalabo abawafunayo amacebiso.”—IzAga 13:10.
Kuthiwani uma ukhetha ukuyisa ingane enkulisa? Esimweni esinjalo . . .
Thola ulwazi ngaleso sikhungo
Ingabe sinayo ilayisensi yokusebenza noma siqondiswa ngendlela efunwa umthetho? Sizakhele liphi igama, obani abasikhulumela kahle, linjani idumela laso?
Ingabe leso sikhungo sihlanzekile futhi siphephile?
Yiziphi izinto ezenziwayo kuso? a
Thola ulwazi ngabanakekeli
Bathole luphi uhlobo lokuqeqeshwa? Lokhu kungahlanganisa ukuqeqeshelwa imfundo yezingane ezisencane, usizo lokuqala ne-CPR.
Ungakwazi yini ukuhlola ukuthi labo abazobe benakekela ingane yakho abanawo yini amarekhodi noma umlando wobugebengu?
Ingabe izisebenzi zishintsha njalo? Ukushintsha njalo kungasho ukuthi ingane yakho kuzofanele ijwayelane nabanakekeli abasha njalo.
Umnakekeli ngamunye unakekela izingane ezingaki kulesi sikhungo? Uma inani lezingane lilikhulu ngokweqile kunenani elifanele labanakekeli lokho kuyosho ukuthi ingane yakho ingase inganakwa ngezinga elifanele. Yiqiniso, ukuthi ingane yakho idinga ukunakwa okungakanani kungaya nangeminyaka yayo kanye nezinto ekwazi ukuzenzela zona.
Ingabe abanakekeli bazimisele ukukhulumisana nawe ngezinto ezikukhathazayo—noma ezikhathaza bona?
a Ngokwesibonelo, ingabe izingane bazilibazisa nge-TV, noma ingabe lesi sikhungo sineminye imisebenzi esiza ingane ikhule kahle ngokwengqondo nangokomzimba?