Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI

Ukusiza Izingane Zibhekane Nokwehluleka

Ukusiza Izingane Zibhekane Nokwehluleka

 Izingane zakho zisazobhekana nokwehluleka. Ungazisiza kanjani?

 Okufanele ukwazi

 Ukwehluleka kuyingxenye yempilo. IBhayibheli lithi “sonke siyakhubeka.” (Jakobe 3:2) Izingane nazo ziyakhubeka. Noma kunjalo, ukwehluleka kuyasiza ngesinye isikhathi—kunikeza izingane ithuba lokufunda ukukhuthazela. Izingane azizalwa zinaleli khono, kodwa zingakwazi ukuba nalo. Umama ogama lakhe linguLaura uthi: “Mina nomyeni wami siye saphawula ukuthi kungcono abantwana babhekane nokwehluleka kunokuba benze sengathi abahlulekanga. Bangafunda ukuphikelela lapho izinto zingahambi kahle.”

 Izingane eziningi azikwazi ukubhekana nokwehluleka. Ezinye izingane azifundi ukubhekana nokwehluleka ngoba abazali bazo bayazivikela. Ngokwesibonelo, uma ingane ingaphasanga kahle esikoleni, abanye abazali bavele bagxeke uthisha. Uma ingane ixabene nomngani, abazali bagxeka umngani wayo.

 Izingane zingafunda kanjani ukwamukela amaphutha azo uma abazali bezivikela ekubhekaneni nemiphumela yezenzo zazo?

 Ongakwenza

  •   Fundisa izingane zakho ukuthi konke ezikwenzayo kuzoba nemiphumela.

     IBhayibheli lithi: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:7.

     Izenzo zinemiphumela. Ukulimala kwezinto kubangela izindleko. Amaphutha anemiphumela. Izingane kumele zifunde ukuthi zonke izenzo zinemiphumela futhi zikwazi ukubona ukuthi zibe nesandla kokwenzekile. Ngakho gwema ukugxeka abanye noma ukwenza izaba zokuvikela izingane zakho. Kunalokho, zivumele zibhekane nemiphumela ehambisana neminyaka yazo. Qikelela ukuthi ingane iyakubona ukuhlobana phakathi kwezenzo zayo ezimbi nemiphumela yezenzo zayo.

  •   Siza izingane zakho zithole izixazululo.

     Okushiwo iBhayibheli: “Olungile angawa kasikhombisa, kodwa uyophinde avuke.”—IzAga 24:16.

     Kubuhlungu ukuhluleka, kodwa akusho ukuthi sekuphelile ngawe. Siza izingane zakho zigxile ekutholeni izixazululo kunokuba ziphazanyiswe yilokho okubonakala kuwukungabi nabulungisa. Ngokwesibonelo, uma indodana yakho ifeyile isivivinyo esikoleni, yisize ibone ukuthi ingathuthuka kanjani ngokutadisha kakhudlwana nangokuzimisela ukwenza kangcono ngesikhathi esizayo. (IzAga 20:4) Uma indodakazi yakho iye yaba nokungezwani nomngani wayo, yisize ithathe isinyathelo sokuqala sokulungisa izinto kungakhathaliseki ukuthi ubani osephutheni.—Roma 12:18; 2 Thimothewu 2:24.

  •   Fundisa izingane zakho ukuba zibe nesizotha.

     Okushiwo iBhayibheli: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangi emkhulu kunalokho okudingeka akucabange.”—Roma 12:3.

     Ukutshela ingane yakho ukuthi ‘akukho okungayihlula’ akulona iqiniso futhi akuyisizi. Ngisho nezingane ezenza kahle kakhulu emsebenzini wesikole azitholi amamaki aphezulu ngaso sonke isikhathi. Nezingane ezenza kahle kakhulu emdlalweni othile aziwini njalo. Izingane ezingaziboni zingcono kunabanye zibhekana kangcono nokwehluleka.

     IBhayibheli lithi izinkinga zingasenza siqine futhi sifunde ukukhuthazela. (Jakobe 1:2-4) Nakuba ukuhluleka kusenza siphoxeke, ungazisiza izingane zakho zibe nombono ofanele ngakho.

     Ukufundisa izingane ukuphikelela, kufana nokufunda noma yiliphi ikhono—kuthatha isikhathi futhi kudinga umzamo. Kodwa kuzozisiza lapho seziqala isikhathi sobusha. Incwadi ethi Letting Go With Love and Confidence, ithi: “Mancane amathuba okuba intsha enekhono elihle lokubhekana nezimo ifune izixazululo ezisheshayo neziyingozi lapho ibhekene nobunzima. Iphumelela kangcono lapho ibhekene nezimo ezintsha nezingalindelekile.” Ukukhuthazela kuyasiza ngisho nalapho umuntu esemdala.

 Icebiso: Beka isibonelo. Khumbula ukuthi indlela wena obhekana ngayo nokwehluleka ingasiza izingane zakho lapho nazo zihluleka.