Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Izingane Nezinkundla Zokuxhumana​—Ingxenye 2: Ukufundisa Ingane Yakho Esithombile Ukusebenzisa Izinkundla Zokuxhumana Ngokuphepha

Izingane Nezinkundla Zokuxhumana​—Ingxenye 2: Ukufundisa Ingane Yakho Esithombile Ukusebenzisa Izinkundla Zokuxhumana Ngokuphepha

 Abazali abaningi abazivumeli izingane zabo ukuba zisebenzise izinkundla zokuxhumana ngenxa yobungozi bazo. Nokho, uma uyivumela ingane yakho esithombile ukuba isebenzise izinkundla zokuxhumana, ungayisiza kanjani ukuba igweme izingozi nokuba ifunde ukusebenzisa i-inthanethi kahle?

Esizokufunda kulesi sihloko

 Izinto ezibaluleke kakhulu enganeni yakho

 Okufanele ukwazi: Ngenxa yokuthi ezokuxhumana zingenza umuntu abe umlutha wazo, ingane yakho ingase idinge usizo lwakho ukuze ibone ukuthi izochitha isikhathi esingakanani kuzo.

 Okushiwo IBhayibheli: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

 Ongacabanga ngakho: Uma ingane yakho isebenzisa izinkundla zokuxhumana, ingabe lokho kuphazamisa indlela elala ngayo, umsebenzi wesikole, noma okunye okwenziwa ekhaya? Abacwaningi bathi izingane ezithombile zidinga ukulala amahora ayisishiyagalolunye ngosuku, kodwa lezo ezichitha amahora amaningi zisezinkundleni zokuxhumana ngosuku cishe zilala amahora angaphansi kwayisikhombisa.

 Ongakwenza: Xoxa nengane yakho ngezinto ezibaluleke kakhulu, nixoxe ngokubaluleka kokunciphisa isikhathi esichitha ezinkundleni zokuxhumana. Beka imithetho enjengokuthi ifoni ayingeni ekamelweni ebusuku. Umgomo wakho uwukusiza ingane yakho ikwazi ukuzithiba, okuyimfanelo ezoyisiza nalapho isikhulile.—1 Korinte 9:25.

 Injabulo yengane yakho

 Okufanele ukwazi: Uma osemusha ebheka izithombe zezinto “ezimnandi zodwa” ebezenziwa abangane bakhe engekho yena, kungamenza azizwe ekhishwe inyumbazane, ekhathazekile futhi ecindezelekile.

 Okushiwo IBhayibheli: ‘Lahlani . . . umona.’—1 Petru 2:1.

 Ongacabanga ngakho: Ingabe ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana kwenza ingane yakho izenyeze ngendlela ebukeka ngayo? Ingabe ingane yakho inomuzwa wokuthi ukuphila kwawo wonke umuntu kuyajabulisa uma kuqhathaniswa nokwayo?

 Ongakwenza: Xoxa nengane yakho ngobungozi bokuziqhathanisa nabanye. Ngokuvamile amantombazane yiwo athinteka kakhulu kunabafana ngenxa yokuthi amantombazane akhathazeka kakhulu ngendlela abukeka ngayo. Ungasikisela nokuthi ingane yakho ime kancane ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana. UJacob, insizwa esencane, uthi, “Ngadilitha i-app yami yezokuxhumana isikhathi esithile. Kwangisiza ngashintsha umbono wami ngezinto ezibalulekile nendlela engizibheka ngayo nengibheka ngayo abanye.”

 Lokho ingane yakho ekwenza ku-inthanethi

 Okufanele ukwazi: Ukuba sezinkundleni zokuxhumana kuye kwafaniswa nokuphila phambi kwesixuku. Kuzokwenzeka ukuba ningaqondani noma ningaboni ngaso linye.

 Okushiwo IBhayibheli: “Susani kini yonke inhlobo yenzondo, intukuthelo, ulaka, ukuklabalasa nenkulumo elimazayo nayo yonke into elimazayo . . . Bonisanani umusa.”—Efesu 4:31, 32.

 Ongacabanga ngakho: Ingabe izinkundla zokuxhumana ziye zenza ingane yakho yaqala ukuhleba, yaba nezinkinga nabanye noma yakhuluma kabi nabanye?

 Ongakwenza: Fundisa ingane yakho ukuba ikhulume ngenhlonipho nabanye ezinkundleni zokuxhumana. Incwadi ethi Digital Kids ithi: “Kuwumsebenzi wethu njengabazali ukukwenza kucace ezinganeni zethu ukuthi ukuba nonya akwamukelekile, ngisho naku-inthanethi.”

 Khumbula ukuthi izinkundla zokuxhumana azisona isidingo nokuthi akubona bonke abazali abavumela izingane zabo ukuba zizisebenzise. Uma uvumela ingane yakho ukuba isebenzise izinkundla zokuxhumana, kufanele uqiniseke ukuthi ikhule ngokwanele ukuba izokwazi ukuzisebenzisa isikhathi esithile, ikwazi ukuba nabangani abakahle futhi igweme izinto ezingalungile ku-inthanethi.