USIZO LOMNDENI | UMSHADO
Ukusebenzisa Kabi Utshwala Emshadweni
Ingabe oshade naye uye waveza ukukhathazeka ngendlela osebenzisa ngayo utshwala? Uma kunjalo, kunezinto okufanele ucabange ngazo.
Okukulesi sihloko
Ukusebenzisa kabi utshwala nomshado—amanzi namafutha
Ukusebenzisa kabi utshwala kungaholela ezinkingeni eziningi zempilo ezihlanganisa isifo senhliziyo, ukusha kwesibindi nomdlavuza. Ukusebenzisa kabi utshwala akuyona inkinga yempilo nje kuphela kodwa kuyinkinga nasemshadweni ngoba kungabanga udlame lwasekhaya, izinkinga zemali, ukungathembeki kanye nedivosi imbala.
IBhayibheli lithi lapho utshwala busetshenziswa kabi, ‘buluma njengenyoka, bukhiphe ubuthi njengenyoka enesihlungu.’ (IzAga 23:32) Wazi kanjani ukuthi awusakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala?
Ingabe awusakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala?
Imibuzo elandelayo ingakusiza uzihlole:
Ingabe ukuthola kunzima ukulawula indlela phuza ngayo?
Ingabe uhlale ucabanga ngokuthi uzophuza nini?
Ingabe uyaqhubeka uphuza nakuba lokho kukubangela izinkinga ekuphileni kwakho nasemshadweni wakho?
Ingabe uyagula lapho uzama ukubuyeka?
Ingabe indlela ophuza ngayo ibanga izingxabano phakathi kwakho noshade naye?
Ingabe usukwazi ukuphuza kakhulu kunakuqala?
Ingabe uyabushushumbisa noma ubufihle utshwala ekhaya noma emsebenzini?
Uma uphendule ngo-yebo kowodwa noma kweminye yale mibuzo kungenzeka awusakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala. Kungenzeka unenkinga yokusebenzisa kabi utshwala ebuye yaziwe ngokuthi ukuba ngumlutha wotshwala.
Kuqaphele ukungafuni ukuvuma ukuthi unenkinga
Ingabe oshade naye uke waveza ukukhathazeka ngendlela ophuza ngayo? Uma kunjalo, kungenzeka uye wazama ukuyenza ibonakale incane inkinga yakho noma wazithethelela. Kungenzeka uye wasola abanye kanye nomkakho ngokusho izinto ezinjengokuthi:
“Ukube ubungiphatha kahle ngabe angiphuzi.”
“Ukube umphathi wami ubengumphathi wakho nawe ubungaphuza njengami.”
“Ngazi inqwaba yabantu ephuza kakhulu kunami.”
Uma usho izinto ezinjengalezi, ingabe isifiso sakho sokuphuza siza kuqala kunesifiso sokuba nomshado ojabulisayo? Yikuphi okubaluleke kakhulu?
Okushiwo iBhayibheli: “Indoda eshadile ikhathazeka ngezinto zezwe, ukuthi ingakuthola kanjani ukwamukelwa umkayo.”—1 Korinte 7:33.
Ongakwenza
Kubheke njengokubalulekile okukhathaza oshade naye. Ake sithi oshade naye ukhathazeke ngokweqile ngale nkinga, akukho yini wena ongakushintsha? Uma ungashintshi lutho futhi uqhubeka uphuza naphezu kokuba lokho kukhathaza oshade naye lokhu kukodwa kungasho ukuthi unenkinga yotshwala.
Okushiwo iBhayibheli: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.
Thola ulwazi. Ukuze isosha linqobe empini, lidinga ukuwazi amaqhinga esitha salo. Nawe ngokunjalo ukuze usinqobe isitha sakho udinga ukufunda ukuthi kusho ukuthini ukuba umlutha wotshwala nokuthi buluthana kanjani utshwala. Uzodinga nokufunda ngokuthi yini okufanele uyenze ukuze ugqashule ekubeni umlutha nokuthi yini ongayenza ukuze ungabuyeli emkhubeni wakho wokuphuza utshwala.
Okushiwo iBhayibheli: ‘Qhubeka udeda ezifisweni zenyama, ezilwa nawe.’—1 Petru 2:11.
Funa usizo. Kunezindlela zokwelapha ezigxile kubantu abanenkinga yokusebenzisa kabi utshwala ezihlanganisa izinhlelo zokugqashula, izindawo zokwelashwa nezibhedlela. Okunye ongakwenza ukukhuluma nomngani omethembayo ongakusiza uthole umnyombo wenkinga yakho. Bese noma nini lapho uzizwa womele utshwala umfonele lo mngani wakho.
Okushiwo iBhayibheli: “Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.
Indaba yokusebenzisa kabi utshwala yindaba ebucayi engeke ixazululeke ngokumane nje ufunde isihloko esifushane noma uyinqobe ngokumane uthi, “Ngizophuza kancane.” Nakuba kunjalo, kufanele wazi ukuthi indlela oyisingatha ngayo le ndaba angeke ithinte impilo yakho nje kuphela kodwa izothinta nomshado wakho.
Ukuze uthole okwengeziwe: Funda izihloko ezilandelayo ukuze ufunde ukuthi abanye bayinqobe kanjani inkinga yokusebenzisa kabi utshwala.
“Angiseyona Indoda Enesihluku”
Ubukele nevidiyo ethi, ‘Yayisingicikile Indlela Engangiphila Ngayo’