Dlulela kokuphakathi

Abafowethu balungisa ezinye zezinqola ezicishe zibe ngu-400 ezasetshenziswa kulo mkhankaso.

NOVEMBA 6, 2018
E-ARGENTINA

Umkhankaso Omkhulu Wokushumayela Ngesikhathi Sama-Summer Youth Olympic Games Ka-2018 E-Argentina

Umkhankaso Omkhulu Wokushumayela Ngesikhathi Sama-Summer Youth Olympic Games Ka-2018 E-Argentina

Kusukela ngo-Okthoba 6 kuya ku-Okthoba 8, 2018, oFakazi baba nomkhankaso okhethekile wokushumayela phakathi nesikhathi semidlalo yama-Summer Youth Olympic Games ka-2018, eBuenos Aires, e-Argentina.

Ababengenele umncintiswano abavela eSaint Kitts naseNevis, baya ezinqoleni. Kwakuhanjiswa amakhulu ezincwadi usuku ngalunye phakathi nalo mkhankaso.

Kunabantu abangaphezu kuka-4 000 ababengenele lo mqhudelwano, bevela emazweni angaphezu kwangu-206. Lo mqhudelwano, kuthiwa uphakathi kwemikhulu kunayo yonke emhlabeni eyenzelwe intsha eneminyaka ephakathi kuka-15 no-18. OFakazi abangaphezu kuka-6 400, bahlanganyela emkhankasweni wokushumayela kubantu abavela emazweni amaningi ababeze kule midlalo. Abafowethu babeka izinqola ezingu-390 zokukhangisa ngezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezindaweni ezicishe zibe ngu-100.

Njengoba kuyintsha esuke ingenele lo mqhudelwano, abafowethu bakhangisa ngencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo kanye nencwajana ethi Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha. Izincwadi bezitholakala ngezilimi eziningi ezihlanganisa isi-Arabic, isiShayina, isiNgisi, isiFulentshi, isiJalimane, isiKorea, isiPutukezi, isiRashiya, iSpanishi, noLimi Lwezandla Lwase-Argentina. Usuku ngalunye kwakuhanjiswa izincwadi ezingaba ngu-790.

Abafowethu nodadewethu abahlanganyela kulo mkhankaso bakujabulela ukunikeza abantu abasha nabadala ithemba elivela eBhayibhelini.—IHubo 110:3.