FEBRUARY 5, 2015
E-ARMENIA
I-Armenia Iluqalise Ngempumelelo Uhlelo Lwenkonzo Yomphakathi Ehlukile
Luhamba kahle kakhulu uhlelo lwenkonzo yomphakathi ehlukile e-Armenia, oselunonyaka luqalile. Izinsizwa zokuqala ezihlanganyele kulolu hlelo olusha zingoFakazi BakaJehova abenza inkonzo yomphakathi ewusizo kunokudonsa ejele ngoba benqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.
Kusukela ngo-1985 e-Armenia, izinsizwa zoFakazi ezazenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza zazingenayo enye into ezingayenza ngaphandle kokugqunywa ejele. Ngenxa yokuthi wawungekho umthetho owawuvumela ukukhetha enye inkonzo yomphakathi, oFakazi abangaphezu kuka-450 bagqunywa ejele iminyaka engaphezu kuka-20, ngokuvamile ngaphansi kwezimo ezinzima. Lokhu kwashintsha ngo-June 2013 lapho i-Armenia ichibiyela uMthetho wayo ngokuphathelene neNkonzo Yomphakathi Ehlukile.
Kwakungu-October 23, 2013, lapho iKomiti yezwe lase-Armenia ivumela abangu-57 bokuqala, okwakungoFakazi BakaJehova, abenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza ukuba benze inkonzo yomphakathi. * Kamuva, iKomiti yaleli zwe yafaka nabanye oFakazi kulolu hlelo. Izinsizwa ezingu-71 zoFakazi zaqala izabelo zazo ngesonto lango-January 13, 2014. Ekupheleni kuka-2014, kwase kunoFakazi abangaphezu kuka-126 ababesebenza ohlelweni oluhlukile lwenkonzo yomphakathi.
Ukuphumelela Kwalolu Hlelo
Ukuphumelela kwalolu hlelo kubonakala kulokho okushiwo abaphathi bezinkampani, izinduna, nabanye abasebenzi abaqaphela indlela lezi zinsizwa ezingoFakazi ezazisebenza kahle ngayo, ezaziwusizo ngayo nendlela ezaziziphethe kahle ngayo. Amalungu amaningana eKomiti yase-Armenia avuma ukuthi oFakazi benza umsebenzi oyigugu kuhulumeni wakuleli zwe futhi bayenza ngokukhuthala imisebenzi yabo.
“Nina nilenzela umsebenzi omkhulu leli zwe nibe nithola iholo elincane kakhulu. Kucacile nje ukuthi niyazikhandla.”—Induna eYerevan/Shengavit Community Services.
“Nenza kahle! Nizama ukuphila ngezimiso zobuKristu ngesikhathi esifanayo nibe nizama ukuba usizo emphakathini.”—Umhlengikazi wasekhaya lezintandane okwakusebenza kulo oFakazi.
“Bakhona yini abanye abafana nani? Mabeze bazosebenzela mina!”—Umphathi eYerevan/Arabkir Community Services.
OFakazi abakulolu hlelo lokusebenzela umphakathi nabo baluncoma.
“Ngiyalujabulela uthando nenhlonipho yalabo engisebenza nabo. Ngesinye isikhathi ngigula futhi ngisekhaya, baze bangithinta ngocingo ukuze bezwe ukuthi nginjani. Kuyisibusiso lokhu, ngoba kungenza ngikwazi ukukhonza uJehova ngaphandle kokucindezeleka.”—UGevorg Taziyan, uMsizi Womshayeli oPhikweni loMnyango Wezimo Eziphuthumayo.
“Emsebenzini, sinobudlelwane obuhle nabaphathi nezisebenzi. Njengoba sasibona indlela abasikhathalela ngayo, nathi sazama ukwenza okufanayo. Kwakunezikhathi lapho sasinikwa umsebenzi okungewona owethu, kodwa sasiwenza.”—USamvel Abrahamyan, owayesebenza engadini eSevan Psychiatric Hospital.
“Abangu-13 bethu baqala ukusebenza eMnyangweni Wezimo Eziphuthumayo ngo-January 14, 2014. Kusukela ekuqaleni kuze kube manje, siye sajabulela ubudlelwane obuhle nobakhayo nabo bonke abantu. Akukho esiphikisana ngakho nabaphathi. Ibahlaba umxhwele indlela esenza ngayo wonke umsebenzi ngokubambisana.”—U-Artsrun Khachatryan, osebenza engadini eMnyangweni Wezimo Eziphuthumayo.
Imbangela eyinhloko yokuphumelela zisuka nje kohlelo lwase-Armenia lwenkonzo yomphakathi ehlukile, ukubambisana phakathi kwabaphathi nezinduna kanye nesimo sengqondo esihle nokusebenza ngenkuthalo koFakazi. OFakazi BakaJehova e-Armenia bayabonga ngethuba lokusebenzela izwe lakubo ngaphandle kokuyekethisa ezinkolelweni zabo. Bayabonga nangokuthi abasaboshwa ngenxa yokwenqaba ukuya ebusosheni ngesizathu sikanembeza.
^ isig. 4 Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isihloko esithi “I-Armenia Inikeza Labo Abenqaba Ukuya Empini Ngenxa Kanembeza Umsebenzi Ohlukile Wokukhonza Umphakathi”