Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 15, 2013
E-AUSTRALIA

OFakazi BakaJehova Basiza Abayizisulu Zesikhukhula E-Australia

OFakazi BakaJehova Basiza Abayizisulu Zesikhukhula E-Australia

ESYDNEY—Kube nezikhukhula ezidale omkhulu umonakalo empumalanga ye-Australia njengoba iSishingishane u-Oswald silethe iziphepho, amagagasi anamandla nezimvula ezinkulu eQueensland nasenyakatho yeNew South Wales. Kufe abantu abane, abangaphezu kwenkulungwane basala bengenamakhaya. Lesi siphepho sidale umonakalo omkhulu edolobheni laseBundaberg, elisogwini olumaphakathi neQueensland, sabangela izikhukhula ezimbi kunezake zaba khona eminyakeni eyikhulu edlule nezivunguvungu ezinhlanu ezinamandla.

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSydney libika ukuthi abekho oFakazi abafa noma abalimala. Nokho, zingu-53 izindlu zoFakazi ezabhidlika eBundaberg, baba ngu-70 abasala bengenandawo yokukhosela. Laba abasala bengenamakhaya, abanye babo abatakulwa ngezindiza, batholelwe izindawo zokuhlala komakhelwane nakwabanye oFakazi.

Abadala abangoFakazi bamise ikomiti yokusiza enhlekeleleni ukuze bahlele ukuba kunikezwe usizo. EBundaberg, oFakazi abangaphezu kuka-250 basiza ekwenzeni lo msebenzi, abanye behamba ngisho amabanga angaphezu kwamakhilomitha angu-160 ukuze bayosiza.

Media Contacts:

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Australia: Donald MacLean, tel. +61 2 9829 5600