Dlulela kokuphakathi

JULY 21, 2014
E-AUSTRIA

Kukhunjulwa OFakazi BakaJehova EKamu Lokuhlushwa LaseGusen

Kukhunjulwa OFakazi BakaJehova EKamu Lokuhlushwa LaseGusen

ESELTERS, eJalimane—NgeSonto, ngo-April 13, 2014, eSikhumbuzweni esasiseKamu Lokuhlushwa LaseGusen e-Austria kwavulwa itshe eliyisikhumbuzo kukhunjulwa oFakazi BakaJehova abangaba ngu-450 ababeboshwe amaNazi ekamu lokuhlushwa laseMauthausen nasekamu lakhona elincane iGusen. Kwakukhona izivakashi ezingaphezu kuka-130.

Kuvulwa itshe eliyisikhumbuzo phakathi nomkhosi weSikhumbuzo EKamu Lokuhlushwa LaseGusen ngo-April 13, 2014

Lapho oFakazi befika ekamu lokuhlushwa laseMauthausen, isikhulu sakhona sabesabisa: “Akekho umFundi WeBhayibheli ozophuma la ephila.” UMartin Poetzinger, owaboshwa iminyaka engu-9 eDachau, eMauthausen naseGusen futhi kamuva wakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, wathi ngesikhathi asichitha eMauthausen: “AmaGestapo azama ngazo zonke izindlela ukusicindezela ukuba silahle ukholo lwethu.”

Ngo-May 1945: EKamu Lokuhlushwa LaseGusen. UMartin Poetzinger (ohlezi phambili, ongowesibili uma usuka kwesobunxele) umi nabanye abangu-23 abasinda ngemva nje kokudedelwa kwabo

Abanye oFakazi ababeseMauthausen bayiswa ekamu elincane laseGusen. Umgomo wekamu laseGusen wawungukubulala abantu, ngoba ukubulawa kwabo kwakuhlelwa futhi kwenzeka nsuku zonke. Ukuze bagcine ukholo lwabo luqinile, oFakazi babehlangana ngamaqembu amancane ebusuku baxoxe ngemiBhalo abayikhumbulayo. Ngolunye usuku, bathola iBhayibheli. Balihlukanisa futhi bashintshana ngezingxenye zalo. Babelifunda becashe ngaphansi kwemibhede nganoma isiphi isikhashana ababesithola.

Ngokuhlakanipha oFakazi babexoxela abanye ngesigijimi seBhayibheli. Iziboshwa ezinhlanu zasePoland zatadisha iBhayibheli noFakazi futhi zabhapathizwa ngasese emkhombeni owawenzelwe leyo njongo ngokukhethekile. Omunye uFakazi, uFranz Desch, waxoxa nephoyisa lama-SS ngesigijimi seBhayibheli, futhi kamuva leli phoyisa laba uFakazi KaJehova.

UWolfram Slupina, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova e-Austria, uthi: “Siyajabula ngokuthi oFakazi bakhunjulwa ngokholo nangesibindi abasibonisa emakamu aseMauthausen naseGusen. Ukuzimisela kwabo ukunqoba ububi ngokuphatha wonk’ umuntu ngozwela lobuKristu nangomusa kuyakufanelekela ukukhunjulwa nokulingiswa.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Austria: Wolfram Slupina, tel. +49 6483 41 3110