Dlulela kokuphakathi

DECEMBER 11, 2015
E-AZERBAIJAN

URashad Niftaliyev Uhlawulisiwe Futhi Waboshelwa Ukuhlanganyela Emihlanganweni Engokwenkolo

URashad Niftaliyev Uhlawulisiwe Futhi Waboshelwa Ukuhlanganyela Emihlanganweni Engokwenkolo

URashad Niftaliyev, oyisikhonzi esingomunye woFakazi BakaJehova, usephinde wavalelwa ejele okwesibili ezinyangeni ezingu-14 ngenxa yokungayikhokhi yonke inhlawulo ayihlawuliselwa ukuhlanganyela emihlanganweni engokwenkolo. Ngo-November 19, 2015, inkantolo yaseGanja, e-Azerbaijan, yagweba uMnu. Niftaliyev ukuba abhadle izinsuku ezingu-25 ngenxa yokungakhokhi ngokwanele izinhlawulo azihlawuliselwa “ukuhlela nokuqhuba imihlangano engokwenkolo.”

Isamba sezinhlawulo zikaMnu. Niftaliyev sesingu-9 450 manat (R173 000). Nakuba ekholelwa ukuthi lezi zinhlawulo azinabulungisa, ubelokhu eyikhokha imadlana elingana namandla akhe amancane.

Ujeziselwa Ukuya Emhlanganweni Ongokwenkolo

Into eholele ekuboshweni kukaMnu. Niftaliyev kwamuva ukugasela kwamaphoyisa umhlangano wokukhulekela ngo-November 14, 2015, eGanja, idolobha lesibili ngobukhulu e-Azerbaijan. Amaphoyisa amisa umhlangano futhi athatha abantu abangu-27 abayisa esiteshini samaphoyisa sesifunda saseGanja Kapaz. Lapho, amaphoyisa abeka abangu-12 kubo—kuhlanganise noMnu. Niftaliyev—icala lokwephula umthetho ngokuhlanganyela emhlanganweni ongokwenkolo. * Ngesikhathi kuthethwa icala ngasese ngo-November 18 no-25, iNkantolo Yesifunda yaseGanja Kapaz yahlawulisa abangu-9 kubo u-2,000 manat (R29 000) ngamunye ngenxa yeqhaza labo “emhlanganweni ongokwenkolo oqhutshwe ngaphandle kwemvume.”

Ngo-November 19, ihhovisi lesithunywa senkantolo labiza uMnu. Niftaliyev ukuze limphonse imibuzo mayelana nokukhokha kwakhe kancane ezinye izinhlawulo ezinhlanu ezidlule azihlawuliswa phakathi neminyaka emihlanu edlule ngemva kokumangalelwa ngecala elifanayo. UMnu. Niftaliyev wachaza imizamo yakhe yokukhokha kanye nezimo zakhe—ukuthi uhola kancane futhi kudingeka anakekele unina ogulayo—kodwa lesi sithunywa sayithumela enkantolo le ndaba. Ngemva kokulalela udaba, inkantolo yesifunda yaseGanja Kapaz yamvalela ejele ngaso leso sikhathi uMnu. Niftaliyev. Kamuva, le nkantolo yamhlawulisela ukuhlanganyela emhlanganweni ongokwenkolo wango-November 14, okwasikhulisa nakakhulu isikweletu sakhe futhi kwanezela esenzweni sokungabi nabulungisa sokumjezisela ukukhulekela kwakhe.

Ukuphazanyiswa Kwemihlangano Yokukhulekela

Ukugasela kwamaphoyisa umhlangano woFakazi wango-November 14 kwakungokwesishiyagalombili eGanja kusukela ngo-2010. * Lokhu kugasela kuhlale kuhamba ngendlela efanayo njalo: OFakazi basuke behlangene ngokuthula njengeqembu elincane ekhaya lothile. Amaphoyisa avele angene engaphethe mvume yokusesha noma incwadi yenkantolo futhi awazazisi ngendlela efanele noma asho isizathu sokuza kwawo. Amisa umhlangano, athathe amaBhayibheli abantu nezincwadi ezingokwenkolo, aqophe nge-video konke okwenzekayo, adelele futhi esabise abakhona.

Amaphoyisa abe esethatha bonke abakhona, kuhlanganise nezingane nasebekhulile, abayise esiteshini sawo. Kubekwa isikhathi sokuqulwa kwecala kamuva ngalo lolo suku, nakuba inkantolo ingase ibavumele abathile ukuba bathole ithuba lokuthinta abameli babo futhi ibanike izinsuku ezimbalwa zokuba balungiselele ukuzivikela. Sekukaningana abezindaba bendawo bekusakaza lokhu kuboshwa baze baveze nezithombe ku-TV zoFakazi belinde ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa.

Kufuneka Babhalise Kodwa Bayenqatshelwa Njalo

Ngenxa yokuthi oFakazi eGanja abakwazi ukubhalisa, iziphathimandla zakhona zibatshela ukuthi imihlangano yabo ayikho emthethweni. INkantolo Yesifunda yaseGanja Kapaz yasebenzisa lokho ngesikhathi ihlawulisa labo ababesemhlanganweni wango-November 14, ithi “umphakathi woFakazi BakaJehova awunayo imvume evela kuziphathimandla ezifanele yokusebenza edolobheni laseGanja.” *

Ngokuphambene naleso sinqumo, e-Azerbaijan akukho mthetho ofuna ukuba abantu babe nemvume kahulumeni ngaphambi kokuba bahlangane ngenjongo yokukhulekela. ISiphakamiso 21 soMthetho Wenkululeko Engokwenkolo sithi: “Ukukhulekela, . . . imisebenzi nemibuthano engokwenkolo kungaqhutshwa ngenkululeko ezindaweni zokukhulekela . . . nasemafulethini nasemizini yezakhamuzi.”

OFakazi BakaJehova babhalisile enhlokodolobha, iBaku, futhi baye bafaka izicelo eziningana zokubhalisa naseGanja kusukela ngo-2010. Nokho, iKomiti Yombuso Esebenzelana Nezinhlangano Zenkolo iye yabenqabela ngenxa yalokho ethi kungamaphutha enqubweni elandelwe noma yangaphendula nhlobo. Isicelo soFakazi samuva eGanja, esafakwa ngo-November 10, 2015, sisalindile.

Imizamo Yokuthola Inkululeko Engokwenkolo

Imizamo yokuhlangana neziphathimandla zase-Azerbaijan iyaqhubeka njengoba oFakazi BakaJehova bezama ukubhalisa nokuba amalungelo abo ahlonishwe kakhudlwana. Nokho, ngenxa yokungabi nabulungisa okuqhubeka kwenzeka, oFakazi e-Azerbaijan banamacala angu-21 asalindile abawafake eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ngenxa yezigameko zokugxambukela kweziphathimandla emalungelweni labo angokwenkolo nasenkululekweni yabo yokuqhuba inkolo yabo.

OFakazi BakaJehova bacela uhulumeni wase-Azerbaijan ukuba ubanike amalungelo imithetho yaleli zwe ewathembisa zonke izakhamuzi—ahlanganisa inkululeko yokukhulekela—futhi uyeke ukujezisa abakhulekeli abaqotho abanjengoMnu. Niftaliyev.

^ isig. 5 Ngokuqondile, bamangalelwa ngokwephula iSiphakamiso 299.0.2 soMthetho Wezokubhalisa, esenqabela “ukuhlela nokuqhuba imihlangano engokwenkolo, udwendwe lwasemgwaqweni neminye imibuthano engokwenkolo” ngaphandle kwemvume yeziphathimandla zendawo.

^ isig. 8 Amaphoyisa aye agasela naseLankaran, eLokbatan, eMingachevir, eShamkir kanye naseZagatala.

^ isig. 11 Iziphathimandla zithembela eSiphakamisweni 12 soMthetho Wenkululeko Engokwenkolo, esithi: “Noma iyiphi inhlangano engokwenkolo ingasebenza kuphela ngemva kokuba ibhalise kuziphathimandla ezifanele futhi yangena ezincwadini zikahulumeni zezinhlangano zenkolo.” Nokho, lesi siphakamiso siphathelene nezinhlangano ezingokomthetho zenkolo. Asiwavimbeli amaqembu abantu ukuba abuthane ngenjongo yokukhulekela. Bheka noMthetho Wenkululeko Yokubuthana, iSiphakamiso 4, ongayithinti “imibuthano engokwenkolo.”