Dlulela kokuphakathi

E-ERITREA

Amanqampunqampu Nge-Eritrea

Amanqampunqampu Nge-Eritrea

OFakazi BakaJehova bashushiswa kakhulu e-Eritrea. Kusukela izwe lase-Eritrea lazimela ngo-1993, belilokhu libopha, lihlukumeza futhi lishushisa oFakazi BakaJehova. Ngo-Okthoba 25, 1994, ihhovisi likamongameli lakhipha isinqumo esasithi “oFakazi base-Eritrea babengasezona izakhamuzi zaleli zwe,” ngenxa yokuthi babenqaba ukungena ezindabeni zepolitiki nokusebenza kwezempi. Ngenxa yalokho, uhulumeni waphuca oFakazi amalungelo abo njengezakhamuzi zakuleli zwe.

Ngenxa yokuhlushwa osekuqhubeke iminyaka eminingi, abanye oFakazi sebekhethe ukubalekela kwamanye amazwe. OFakazi abasasele bayaqhubeka bephathwa kabi, futhi kudingeka ukuba baqaphe lapho benza imisebenzi yabo engokwenkolo. Iziphathimandla zase-Eritrea ziye zabopha oFakazi abaningi ngenxa yokuya emihlanganweni yabo engokwenkolo, ukukhuluma nabanye ngeBhayibheli, nokunqaba ukusebenza kwezempi, abanye baboshwa ngaphandle kokunikezwa izizathu. Uhulumeni ubopha amadoda asekhulile, abesifazane ngisho nezingane. Kunamadoda angoFakazi amathathu osekuphele iminyaka ewu-20 eboshiwe. Awakaze abekwe amacala ngokusemthethweni, futhi namacala awo awakaze aqulwe ngakho awasitholanga isigwebo esiqondile.

Sekunamanye amazwe aye alunaka lolu daba lokuhlukunyezwa koFakazi BakaJehova e-Eritrea. Izikhulu zikahulumeni zase-Afrika, eYurophu nase-United States ziye zaxoxa ngalolu daba neziphathimandla zase-Eritrea, kodwa akukho lutho oselwenziwe uhulumeni ukuze alulungise. OFakazi bafake nezicelo eziningi ezikhulwini zikahulumeni ezise-Asmara ukuze kuxoxwe ngezindlela zokuxazulula le nkinga, kodwa uhulumeni wase-Eritrea uyenqaba ukuhlangana nabo.