AGASTI 23, 2018
E-INDONESIA
Ukuzamazama Komhlaba Esiqhingini Sase-Indonesia
Ngasekupheleni kukaJulayi kuya ekuqaleni kuka-Agasti, kube nokuzamazama komhlaba okulandelanayo, okulandelwe ukuzamazama okuncane esiqhingini saseLombok, e-Indonesia. Lokhu kuzamazama kubulale abantu abangaphezu kuka-435, abangaba ngu-350 000 basala bengenazo izindawo zokuhlala. Okunye ukuzamazama okunamandla alinganiselwa ku-7.0 ngokwesikali samandla okuzamazama komhlaba, kudilize izakhiwo kwabangela nomonakalo wezigidi zamarandi.
Imibiko ekhishwe ihhovisi legatsha laseJakarta ibonise ukuthi abekho abafowethu abafile noma abalimalile kule nhlekelele, nakuba imizi yabaningi ilimele. Kulimale nesakhiwo ebesisetshenziswa abashumayeli bezindaba ezinhle abangu-40, abakha okuwukuphela kwebandla elikulesi siqhingi. Abameleli behhovisi legatsha ababili bavakashele izindawo ezithintekile ukuze baduduze abafowethu, futhi babone ukuthi sikhona yini isidingo sokumisa amakomiti okusiza.
Siyaqhubeka sithandazela abafowethu kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso. Siyaqiniseka ukuthi uJehova uyakwazi ‘ukubaduduza osizini lwabo lonke.’—2 Korinte 1:4.