Dlulela kokuphakathi

Indawo yeNkantolo Yezikhalo eMilan, e-Italy

NOVEMBA 12, 2020
E-ITALY

Inkantolo Yase-Italy Isekele Amalungelo Abazali AbangoFakazi Ngokuphathelene Nokwelashwa Kwezingane Zabo

Inkantolo Yase-Italy Isekele Amalungelo Abazali AbangoFakazi Ngokuphathelene Nokwelashwa Kwezingane Zabo

INkantolo Yezikhalo yaseMilan, e-Italy, isanda kukhipha isinqumo esivuna abashadikazi abangoFakazi BakaJehova ecaleni elithinta ukwelashwa kwengane yabo. Lesi sinqumo siqokomise ukuthi izinkantolo azinakukwazi ukunquma ukuthi abazali abakulungele ukwenza izinqumo ezithinta izingane zabo, ngenxa nje yokuthi bacela ukuba izingane zabo zelashwe ngaphandle kokusetshenziswa kwegazi ngokuvumelana nezinkolelo zabo.

NgoSepthemba 2019, indoda nomkayo abangoFakazi baletha indodakazi yabo enezinyanga eziyishumi esibhedlela ngemva kokulimala okwenzeka lapho umntwana ewa. Odokotela bathola ukuthi lapho ingane ishayeka ekhanda, igazi lophela ngaphakathi, okwenza kwadingeka ukuba ihlinzwe ekhanda. Odokotela bayihlinza ngempumelelo ingane ngaphandle kokuyifakela igazi.

Kamuva, nakuba ingane yayilulama kahle kakhulu futhi impilo yayo ingekho engozini, omunye udokotela wacela imvume kubazali yokuba afake igazi emntwaneni njengendlela “yokusekela ukululama kwayo.” Abazali bacela ukuba kusetshenziswe ezinye izindlela ezamukelwa kabanzi kunokuba kusetshenziswe igazi.

Kunokuba lo dokotela enze ngokwesicelo sabazali, washayela amaphoyisa ucingo nehhovisi likamshushisi kahulumeni. Ihhovisi likamshushisi lakwazi ukuthola umyalo wenkantolo enkantolo yemindeni. Lo myalo wenkantolo waphuca abazali amalungelo athile wase udlulisela igunya lokunquma indlela yokwelashwa kwengane kumphathi wesibhedlela. Nokho, umntwana akazange afakelwe igazi ngoba odokotela baphawula ukuthi empeleni sasingekho isidingo.

Lesi sigameko sadonsa amehlo emithombo yezindaba kuzwelonke. Amaphephandaba amaningi ase-Italy abhala umbiko ongelona iqiniso wokuthi intombazanyana isindiswe ukumpontshelwa igazi okugunyazwe yinkantolo.

NgoSepthemba 10, 2020, iNkantolo Yezikhalo yasichitha isinqumo senkantolo yemindeni esasiphuce abazali amalungelo abo angokomthetho. Le Nkantolo Yezikhalo yaphawula ukuthi inkantolo yemindeni kwakungafanele ikhiphe umyalo eyawukhipha nokuthi yayingenalo ngisho negunya lokwenza isinqumo kuleli cala.

Esinqumweni eyasikhipha, iNkantolo Yezikhalo yaseMilan yathi: “Ukwenqaba kwabazali ukuba ingane ifakelwe igazi ngenxa yokuthi bahlonipha izinkolelo zabo akunakusetshenziswa njengesizathu sokuhlola ukuthi kubafanele yini ukusebenzisa igunya labo njengabazali.” Ngonyaka odlule nje uwodwa, zintathu iziNkantolo Zezikhalo e-Italy ezisekele amalungelo abazali abangoFakazi okuba basho uma befuna izingane zabo zelashwe ngezinye izindlela esikhundleni sokusetshenziswa kwegazi.

Kubalulekile ukuba amajaji neziphathimandla zezempilo bazi ukuthi oFakazi BakaJehova abelaphi ngomthandazo futhi abamelene nhlobo nokusetshenziswa kwemithi yokwelapha. Empeleni, bazama ukuthola indlela yokwelapha engcono kakhulu ezibhedlela zesimanje ezikuhlomele ukwelapha ngokuvumelana nezinkolelo zabo ababambelele ngokuqinile kuzo. Okuwukuphela kwento abayicelayo, ukuba odokotela bangalisebenzisi igazi lapho bebelapha. Odokotela abaphambili ezibhedlela ezinkulu emhlabeni jikelele sebeyamukele le nselele futhi banikeza ukwelapha kwezinga eliphakeme kakhulu ngaphandle kokufakela iziguli igazi.

Siyabonga ngokuthi lezi zinqumo zenkantolo ziyabasekela abafowethu nodadewethu njengoba beqhubeka bezimisele ukukhetha izindlela zokwelapha ezamukelekayo lapho kwelashwa izingane zabo.—IzEnzo 15:29.