Dlulela kokuphakathi

Esinye sezakhiwo zokuhlala ezintsha Zomsebenzi Wokuthuthwa Kwegatsha Lase-Italy eBologna. Sinezindlu zokuhlala ezingu-41. Abafowethu nodadewethu baqale ukuthuthela kulesi sakhiwo ngoSepthemba 5, 2020

NOVEMBA 16, 2020
E-ITALY

Ukuthuthwa Kwegatsha Lase-Italy Kuqhubekela Phambili Naphezu Kwezingqinamba

Ukuthuthwa Kwegatsha Lase-Italy Kuqhubekela Phambili Naphezu Kwezingqinamba

Naphezu kwezinkinga zomnotho nezempilo, ukuthuthela kwehhovisi loFakazi BakaJehova edolobheni laseBologna kuyaqhubeka. Umhlaka Septhemba 5, 2020, waba usuku olubaluleke kakhulu njengoba ngalolo suku kwaphothulwa isakhiwo sokuqala ezakhiweni zokuhlala. Ukwakhiwa kwaleli gatsha elisha kulindeleke ukuba kuphothulwe ekupheleni kuka-2023.

IKomiti Yomsebenzi Wokwakha (CPC) enabafowethu abahlanu iqondisa lo msebenzi wokwakhiwa kwegatsha elisha. Kwaqashwa inkampani yangaphandle ukuba iklame futhi yakhe lesi sakhiwo sokuhlala, okuwumsebenzi eyaqala ukuwenza ngoSepthemba 2018.

Ngo-2019, izinkampani eziningi zendawo zabhekana nezinkinga ezinkulu zezomnotho. Lokhu kwaphoqa inkampani eyakhayo ukuba ithi ukuwumisa okwesikhathi esithile umsebenzi bese ihlela kabusha izinto. Ngenhlanhla, izindonga zesakhiwo sokuhlala zase ziphothuliwe kakade, ngakho umsebenzi awuzange uphazamiseke kakhulu.

Ngaphakathi kwenye yezindlu zokuhlala

Ekuqaleni kuka-2020, kwahlasela ubhubhane lwe-COVID-19 enyakatho ye-Italy, kuhlanganise naseBologna. Iziphathimandla zendawo nezikazwelonke zayimisa okwesikhathi esithile imisebenzi eminingi kuleli dolobha, kuhlanganise nemisebenzi yokwakha. Nokho, ngemva kwenyanga eyodwa, iziphathimandla zayisusa eminye imingcele eyayibekiwe futhi umsebenzi waqhubekela phambili kulandelwa imithetho yezempilo kanye nemithetho yenhlangano eqondisa ezokuphepha kulolu bhubhane lwe-COVID-19.

UMfoweth’ uPaolo Comparato, oyilungu le-CPC, uthi: “Siyambonga uJehova ngokuphothulwa kwalesi sakhiwo. Ngaphandle komoya wakhe, besingeke sikwazi ukuzinqoba zonke izinselele esihlangabezane nazo.”

UNkz. Cristina Dallacasa, ongusihlalo wenkampani eyakha izakhowo zegatsha, uphawule wathi: “Sijabula kakhulu ngokuthi oFakazi BakaJehova baqoke thina ukuba sibakhele esinye sezakhiwo zabo ezibaluleke kakhulu e-Italy. Sisebenza ndawonye nabo ngokubambisana, futhi lokhu kusisize sanqoba izinselele eziningi esihlangabezane nazo phakathi nalo msebenzi wokwakha. OFakazi BakaJehova banendaba ngempela nemisebenzi abayenzayo, ikakhulukazi ukuphepha kwabantu abasebenza esakhiweni.” Uphethe ngokuthi: “Ngaphezu kwakho konke, ave ngijabula ngokuthola uhlobo lwabantu abathembeke ngale ndlela. Lokhu kukhuthaza kakhulu phakathi nalesi sikhathi zezinkinga zezenhlalo nezomnotho.”

Asingabazi ukuthi uJehova uzoqhubeka ewusekela lo msebenzi ukuze ulethe udumo egameni lakhe.—IHubo 127:1.