JULAYI 20, 2022
E-UKRAINE
Basiza Abanye Abadinga Usizo Naphezu Kokuba Beswele
Bacishe babe ngu-47,000 oFakazi BakaJehova okwadingeka bashiye amakhaya abo ngenxa yempi eqhubeka e-Ukraine. Abaningi babalekele ezindaweni eziphephile ezikulelo zwe, bathola usizo kubantu abakhonza nabo ngezinto zokugqoka, ukudla, indawo yokufihla ikhanda nezinye izinto abazidingayo. Nakuba laba bafowethu nodadewethu abanomoya wokupha nabo bebhekene nezimo ezinzima zomnotho, bazimisele ukuzidela ukuze basize abafowabo abadinga usizo.
U-Olha wase-Uman, e-Ukraine, nomyeni wakhe ongeyena uFakazi bamukela abamemezeli abangu-300 phakathi nezinyanga ezimbili ngemva kokuqala kwempi. Abaningi balaba bafowethu nodadewethu abashiye amakhaya bahlale ubusuku obubodwa kuphela ngaphambi kokuqhubeka nohambo lwabo. Ezikhathini eziningi u-Olha wayetshelwa phakathi kwamabili, sekusele isikhashana nje ngaphambi kokuba abantu bafike kwakhe. Ngelinye ilanga, u-Olha wemukela abafowethu nodadewethu abangu-22 ngesikhathi esisodwa. Lokho kwavulela noStanislav, indodana ka-Olha eneminyaka engu-18, ithuba lokubonisa umoya wokupha. Wayevame ukulala phansi ukuze abafowethu abashiye amakhaya balale ekamelweni lakhe.
U-Olha uthi, “Kungijabulisa kakhulu ukuthi phakathi nalezi zikhathi ezinzima ngiyakwazi ukusiza abantu bakaJehova. Lokho kungijabulisa ngempela.”
Emavikini amahlanu, u-Andriy nomkakhe uLiudmyla, bamukela oFakazi abangu-200. Bake bamukela abantu abangu-18 ngobusuku obubodwa. U-Andriy uthi, “Ngenxa yesiqondiso sehhovisi legatsha, sasinokudla esasikubekile. Kwaphela iviki nohhafu sidla lokho kudla nabafowethu abashiye amakhaya. Abafowethu babeshiya amakhadi okubonga anemali, leyo mali sasiyisebenzisela ukuthenga noma ikuphi ukudla esikutholayo okuzodliwa izivakashi ezilandelayo. IKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni nayo yayisinika ukudla, ngakho asikaze siswele lutho.”
NgoMashi, uVita wase-Ivano-Frankivsk waphuma efulethini lakhe wayohlala nodadewabo ukuze lisetshenziswe oFakazi abashiye amakhaya. UVita uthi, “Lokhu angikubheki njengokuzidela kodwa ngikubheka njengokubonisa uthando. Kuyangijabulisa lokhu engikwenzela abafowethu abashiye amakhaya. Sonke siwumndeni owodwa.”
UNatalia uhlala nomyeni wakhe nendodakazi yabo uHabriela, eTernopil. Bonke baphelelwa umsebenzi ngesikhathi kuqala impi, ngakho ingxenye enkulu yemali ababeyibekile kwadingeka bayisebenzisele izidingo zabo. Noma kunjalo, babezimisele ukwamukela udade nendodakazi yakhe ekhubazekile abashiye ikhaya.
UNatalia uthi, “Ngakhumbula indaba yomunye udade wase-Afrika owayeswele kakhulu, kodwa wakwazi ukwamukela abafowethu nodadewethu abangu-14 ababeze emhlanganweni wesifunda, futhi akekho kubo owantula okuthile.” Uthi le ndaba yamsiza wabeka izidingo zabanye ngaphambi kwezakhe.
Nakuba bebhekene nezimo ezinzima, abafowethu nodadewethu base-Ukraine ngokuhlakanipha bathembela kuJehova njengoba ‘befuna amathuba okwamukela abanye ngomusa.’—Roma 12:13.