Dlulela kokuphakathi

JUNI 23, 2022
E-UKRAINE

Indlela Engasinda Ngayo

U-Anastasia Khozyainova Ulandisa Indlela Asinda Ngayo E-Ukraine

Indlela Engasinda Ngayo

Ekuseni ngoFebhuwari 24, 2022, ngavuswa umsindo omkhulu. Ngaqale ngacabanga ukuthi kuyaduma ngoba lalina, kodwa empeleni kwakuqhuma amabhomu.

Ngabona ukuthi kwakufanele ngihambe la engangihlala khona, eMariupol. Ngosuku olulandelayo, ngaya kwagogo u-Iryna ohlala emaphethelweni edolobha. Ngokuhamba kwesikhathi, kwafika umama uKateryna nomzala. Sasiphephile kwagogo okwesikhashana, kodwa kwakudingeka silale egunjini elingaphansi kwendlu izinsuku eziningana.

Ngelinye ilanga, ibhomu laqhumela engadini ngesikhathi sicashe egunjini elingaphansi kwendlu. Umsindo wokuqhuma kwaleli bhomu wawuvala izindlebe. Ngathandaza ngokusuka enhliziyweni kuJehova. Lapho sekuphele iviki, sabona ukuthi kwakungasaphephile ukuhlala kwagogo, ngakho sanquma ukubuyela edolobheni ukuze sithole indlela yokubaleka. Ngancenga uJehova ukuba asigcine siphephile nokuba asisize siphume edolobheni.

Ekuseni ngoMashi 4, kwakungenazitimela eMariupol ngoba idolobha lalivinjezelwe. Ngakho, sacasha ebhayisikobho esedolobheni sinabanye abaningi, sacasha khona izinsuku eziyishumi. Kwakugcwele kakhulu kangangokuba kwadingeka silale phansi. Kwakungcolile, kunzima nokuthola ukudla namanzi ashisayo, ngoba kwakudingeka sime kulayini omude.

Ngolunye usuku, ibhomu laqhuma eduze kwasebhayisikobho. Ukuqhuma kwakunamandla kangangokuthi amawindi afa, lokhu kwenza ukuthi kungene umoya obandayo ebhayisikobho.

U-Anastasia nogogo wakhe u-Iryna nomzala wakhe u-Andrii

Okwangisiza phakathi nalesi sikhathi esinzima, indaba kaJobe. Lapho ngibona abantu betatazela ngenxa yokuqhuma kwaleli bhomu, ngangivele ngifunde indaba kaJobe eBhayibhelini lami. Yayingenza ngizizwe ngingcono. Kwakungathi ngihleli naye uJobe ebhayisikobho, ngithi kuye: “Manje ngiyiqonda kahle indlela owazizwa ngayo!” UJobe wayelahlekelwe yikho konke: umndeni wakhe, izimpahla zakhe futhi wayegula. Nami ngangisanda kulahlekelwa izimpahla zami. Ngangisenawo umndeni wami, sonke sasisaphila futhi siyimiqemane. Ngaleso sikhathi, ngabona ukuthi isimo sami sasingesibi kangako. Ngavele ngaba ngcono.

NgoMashi 14, sezwa ukuthi kuneqembu elalikwazile ukubaleka edolobheni. Ngakho nathi sanquma ukuhamba. Sayithola into esasizohamba ngayo kanye nabanye esasihleli nabo ebhayisikobho.

Sahamba ngezimoto ezingu-20 ezazilandelana. Sasimpintshene evenini singu-14. Amabhomu ayeqhuma ngapha nangapha endleleni. Ngangilokhu ngithandaza. Lapho sesiphume ngokuphepha edolobheni laseMariupol, umshayeli wemoto yethu wehla, wakhala. Wayekwazile ukuwagwema wonke amabhomu ayetshalwe phansi ayegcwele umgwaqo. Sathola ukuthi ngemva kwezinsuku ezimbili sibalekile, ibhayisikobho yaqhunyiswa ngebhomu, kwafa abantu abangaba ngu-300.

Ngemva kokuhamba amahora angu-13, safika eZaporizhia. Ngosuku olulandelayo, sagibela isitimela esiya eLviv. Sasingu-16 egunjini lesitimela elihlala abantu abane. Kwakushisa kakhulu. Ngama emnyango indlela yonke ukuze ngithole umoya wokuphefumula. Sagcina sifikile eLviv, ngoMashi 16, abafowethu nodadewethu basamukela ngemfudumalo. Sahlala eHholo LoMbuso izinsuku ezine. Indlela abafowethu nodadewethu abasinakekela ngayo yangifikisela ngezinyembezi. Baba njengesipho esivela kuJehova.

NgoMashi 19, sanquma ukuhamba e-Ukraine siye ePoland. Abafowethu nodadewethu baphinde basamukela ngemfudumalo mina nogogo, umama nomzala. Basinika konke esasikudinga. Sasiphakathi komhlane nembeleko.

Ngineminyaka engu-19 kuphela, kodwa ngemva kokubhekana nakho konke lokhu, ngibonile ukuthi kubaluleke kakhulu ukuqinisa ukholo lapho izinto zisahamba kahle. Ukholo lukwenza usinde. Ukube angizange ngizondle ngezinto ezingokomoya ngaphambi kokuba kuqale impi, kwakuzoba nzima nakakhulu.

UJehova unguBaba onothando. Kukho konke lokhu, bengizwa sengathi ubambe isandla sami sokudla futhi engiqondisa. Anginawo amazwi okubonga uJehova ngakho konke angenzele khona.—Isaya 41:10.