Dlulela kokuphakathi

UDadeweth’ u-Olena uhleli phambi komuzi wakhe ocekeleke phansi lapho kuqhuma ibhomu. Abafowethu nodadewethu banikeza usizo ngokushesha

JULAYI 4, 2022
E-UKRAINE

UMBIKO #10 | Abafowethu Nodadewethu Bayaqhubeka Bethandana Naphezu Kwezinhlekelele E-Ukraine

Abadala ‘Banesibindi, Bayanakekela Futhi Singabethemba’

UMBIKO #10 | Abafowethu Nodadewethu Bayaqhubeka Bethandana Naphezu Kwezinhlekelele E-Ukraine

Abafowethu nodadewethu e-Ukraine abayeki ukusekelana. Bayaqhubeka bezidela ukuze babonise abafowabo uthando.

U-Olena ungudadewethu oneminyaka engu-81. NgoJuni 6, ibhomu laqhumela eduze kakhulu nomuzi wakhe. Leli bhomu lacekela phansi umuzi wakwamakhelwane, lenza kwaba nomgodi ojulile ongamamitha ayisikhombisa. Ukuqhuma kwaleli bhomu kwakukhulu kakhulu kangangokuthi umuzi kaDadeweth’ u-Olena wabhidlika.

Uthi: “Ngathi ngilele, udonga lwawela eduze kwekhanda lami. Kwagcwala intuthu emnyama nezintuli. Amabhodlela namatshe asakazeka yonke indawo. Ngabonga uJehova ngokuthi ngangisaphila.” Ngemva kwemizuzu embalwa nje kuqhume leli bhomu, abafowethu nodadewethu basendaweni beza ukuzobona uDadeweth’ u-Olena, kwakukhona ngisho nomzalwane naye owayebhidlikelwe umuzi wakhe. UDadeweth’ u-Olena uyaqhubeka: “Lapho abafowethu befika, babengazi nokuthi bathini. Ukufika kwabo kwangikhuthaza. Kwangijabulisa ukuthi beza ukuzongibona.”

USerhii, umdala ojwayele ukuvakashela uDadeweth’ u-Olena ehamba nentsha yasebandleni, uthi: “Lapho ngizwa ukuthi kuqhume ibhomu eduze komuzi kaDadeweth’ u-Olena, ngethuka kakhulu, ngakhathazeka. Ngaze ngaqala ukukhululeka lapho ngibona ukuthi wayengalimele kakhulu kodwa wayenemihuzukwana nje. Okumangazayo ukuthi, into yokuqala uDadeweth’ u-Olena ayifuna ngemva kokuba umuzi wakhe ubhidlikile, kwakuyizincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ayesanda kuzithola ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.”

Okujabulisayo ukuthi izihlobo zakhe zamtholela indawo azohlala kuyo. Ibandla liyaqhubeka limsiza futhi abadala baxhumana noDadeweth’ u-Olena nsuku zonke. Abafowethu nodadewethu bamtholela izinsiza-kuzwa ukuze akwazi ukuzuza emihlanganweni yebandla. Uthi: “Ngezinye izikhathi ngizizwa ngingenamandla kodwa imihlangano iyangivuselela. Abafowethu nodadewethu bavame ukungifonela futhi angive ngibabonga ngalokhu!”

Enye indoda nomkayo baxoxa ngababhekana nakho ngesikhathi becashe ngaphansi kweHholo LoMbuso bekanye nabanye abamemezeli abangu-200. Inkosikazi yathi: “Okwangithinta kakhulu uthando nokunakekela abadala abasibonisa kona. Bangenza ngakhumbula isibonelo sikaDavide owacishe wafa elwa nebhubesi nebhere ukuze avikele umhlambi wezimvu. Abadala esasicashe nabo bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze sithole ukudla namanzi, nophethiloli ukuze sikwazi ukukhanyisa. Ngenxa yalokhu, sasingaphuthelwa imihlangano yebandla nemihlangano yenkonzo yasensimini. Ngisho nalapho amabhomu eqhuma ngapha nangapha, laba badala babebavakashela njalo abafowethu nodadewethu ababesahleli emizini yabo, bebalethela ukudla namanzi futhi bebaduduza. Ngibahlonipha kakhulu laba badala. Ngaphambi kokuba lokhu kwenzeke, bengibazi njengabafundisi nabashumayeli kodwa manje ngibabheka njengabelusi engingabethemba. Ave ngibonga ngesibonelo sabo sokuba nesibindi nokunakekela nokwethembeka!”

Abamemezeli bakwelinye ibandla elise-Ukraine babhalela ihhovisi legatsha lase-Ukraine, bathi ngalabo abaholayo emisebenzini yokunikeza usizo: “Izinhliziyo zethu zichichima ukubonga. Iyasimangaza indlela uJehova asinakekela ngayo esebenzisa esikholwa nabo. Sizibonele ngawethu ukugcwaliseka kwamazwi kaJesu athi: ‘Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.’”—Johane 13:35.

Kusukela ngoJuni 21, 2022, yilawa amanani angezansi abikiwe ngalokho okwenzeka e-Ukraine. La manani asekelwe emibikweni eqinisekisiwe evela kubazalwane bendawo. Noma kunjalo, inani elithe ngqo kungenzeka liphakeme njengoba kunzima ukuxhumana nazo zonke izigodi zezwe.

Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteke Ngayo

  • Sekushone abamemezeli abangu-42

  • Sekulimale abamemezeli abangu-83

  • Abamemezeli abangu-31 185 babalekile emizini yabo

  • Imizi engu-495 ibhidlikile

  • Imizi engu-557 icekelwe phansi

  • Imizi engu-1 429 ithinteke kancane

  • AmaHholo OMbuso amahlanu abhidlikile

  • AmaHholo OMbuso angu-8 acekeleke phansi

  • AmaHholo OMbuso angu-34 athinteke kancane

Imizamo Yokunikeza Usizo

  • Angu-27 amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni (DRCs) asiza e-Ukraine

  • Abantu abangu-52 348 basizwa yila maKomiti ukuze bathole indawo ephephile

  • Abamemezeli abangu-23 433 babalekele kwamanye amazwe futhi basizwa abanye abafowethu nodadewethu