Dlulela kokuphakathi

Abamemezeli ababili bashumayela obala e-Ukraine

JULAYI 18, 2022
E-UKRAINE

UMBIKO #11 | Abafowethu Nodadewethu Bayaqhubeka Bethandana Naphezu Kwezinhlekelele E-Ukraine

“Ukwenza Okuhle” Ezweni Elikhungethwe Impi

UMBIKO #11 | Abafowethu Nodadewethu Bayaqhubeka Bethandana Naphezu Kwezinhlekelele E-Ukraine

Ukubuyela emsebenzini wokushumayela obala e-Ukraine kulethe injabulo enkulu nemiphumela emihle. Ababonisi abajikelezayo nabadala bendawo babike ukuthi abantu abaningi bajabulile lapho bephinde bebona izinqola zethu baze basho nokuthi bese bebakhumbule oFakazi BakaJehova endaweni.

UTatiana waseBandleni laseSerhiivka eSifundeni Sase-Odesa wanquma ukuphinde avakashele labo ake axoxa nabo ngaphambi kokuba kuqale ubhubhane. Uthi, “Zisuka nje ngabona ukuthi uJehova uyayibusisa imizamo yethu yokubuyela enkonzweni.” Ngelinye ilanga, wavakashela owesifazane owayenqabile ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli ngaphambi kokuba kuqale ubhubhane. Kulokhu, lona wesifazane wavuma ngokushesha ukuxoxa ngezihloko eziseBhayibhelini, waze wavuma nokuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. UTatiana uthi, “Kufanele ngizivakashele zonke izimpindelo zami zakudala futhi ngicele ukufunda nazo iBhayibheli!”

UYevheniy noLilia bangabamemezeli ababaleka emzini wabo, badabuka eMariupol. Manje bahlala endaweni ephephile e-Ukraine. Baba khona njalo emsebenzini wokushumayela. Bathi inkonzo ibasize bangagxila ezinkingeni abanazo. Bathi: “Sasazi ukuthi izinto ngeke zisafana nasekuqaleni. Kunzima kakhulu ukuqala impilo entsha, kodwa sakhumbula ukuthi isandla sikaJehova asisifushane. Uyasinika umoya wakhe futhi abafowethu bahlale bekulungele ukusisiza siqale ukuphila okusha endaweni entsha.”

Kwezinye izingxenye zezwe, abafowethu bayaqhubeka benikeza ubufakazi ngemisebenzi yabo emihle. Ngokwesibonelo, iqembu labazalwane edolobheni laseMykolaiv lafaka isandla enhlanganweni yamazwe ngamazwe yokusiza abantu ukuze kulungiswe futhi kuhlelwe indawo yokugcina izimpahla zokusiza umphakathi. Abazalwane balungisa amapayipi amanzi, balungisa amashalofu, bahlela nezinto eziningi kakhulu. Lapho ummeleli wale nhlangano ehlola umsebenzi, wavele wacweba izinyembezi. Wathi, “Bengingalindele ukubona umsebenzi omuhle kangaka.”

Nakuba abafowethu nodadewethu bebhekene nezikhathi ezinzima e-Ukraine, bayajabula ngokuhlala bematasa enkonzweni futhi ‘benza okuhle.’—Galathiya 6:9.

Kusukela ngoJulayi 13, 2022, yilawa amanani angezansi abikiwe ngalokho okwenzeka e-Ukraine. La manani asekelwe emibikweni eqinisekisiwe evela kubazalwane bendawo. Noma kunjalo, inani elithe ngqo kungenzeka liphakeme njengoba kunzima ukuxhumana nazo zonke izigodi zezwe.

Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteke Ngayo

  • Sekushone abamemezeli abangu-42

  • Sekulimale abamemezeli abangu-97

  • Abamemezeli abangu-28 683 babalekile emizini yabo

  • Imizi engu-524 ibhidlikile

  • Imizi engu-588 icekelwe phansi

  • Imizi engu-1 554 ithinteke kancane

  • AmaHholo OMbuso amahlanu abhidlikile

  • AmaHholo OMbuso ayishumi acekeleke phansi

  • AmaHholo OMbuso angu-36 athinteke kancane

Imizamo Yokunikeza Usizo

  • Angu-27 amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni (DRCs) asiza e-Ukraine

  • Abantu abangu-52 947 basizwa yila maKomiti ukuze bathole indawo ephephile

  • Abamemezeli abangu-23 863 babalekele kwamanye amazwe futhi basizwa abanye abafowethu nodadewethu