Dlulela kokuphakathi

Izenzakalo ezimbili zobhapathizo ezenzeka e-Ukraine ngoJulayi 23, 2022

AGASTI 12, 2022
E-UKRAINE

UMBIKO #12 | Abafowethu Nodadewethu Bayaqhubeka Bethandana Naphezu Kwezinhlekelele E-Ukraine

“Ngisho Nempi Ngeke Iwuvimbe Umsebenzi Wokwenza Abafundi”

UMBIKO #12 | Abafowethu Nodadewethu Bayaqhubeka Bethandana Naphezu Kwezinhlekelele E-Ukraine

Kusukela ngoJulayi 23-31, abamemezeli e-Ukraine nakwamanye amazwe ababalekele kuwo, babhapathizwa eMhlanganweni Wesifunda Ka-2022 othi “Lwelani Ukuba Nokuthula”! Kusukela ngo-Agasti 2, sekubhapathizwe abantu abangu-1 113 e-Ukraine. Omunye umzalwane wase-Ukraine wathi: “Ngisho nempi ngeke iwuvimbe umsebenzi wokwenza abafundi, njengoba uJesu athembisa: ‘Nginani zonke izinsuku kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.’”—Mathewu 28:20.

Siyajabula ukunazisa ngale mibiko elandelayo.

UNatalia waseKreminna, eSifundeni SaseLuhansk, uneminyaka engu-63. Yena namadodakazi akhe amabili baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngawo-1990. Amadodakazi akhe athuthuka aze abhapathizwa kodwa yena akazange. Lapho kuqala impi, umndeni ongoFakazi BakaJehova, wathatha uNatalia ukuze uhambe naye uye endaweni ephephile. Wayithola eHholo LoMbuso lase-Ivano-Frankivsk.

UNatalia uthi: “Njengoba amabhomu ayeqhuma ngapha nangapha, izikhathi eziningi ngangingajabule. Abafowethu nodadewethu bangibonisa uthando lwangempela. Ngangingalindele ukuthi izidingo zami zinakekelwe kangaka. Ngaleso sikhathi, ngaphinde ngamthanda uJehova. Ngilifunda njalo iBhayibheli futhi udade wangicela silitadishe naye ngencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! Ngamlethelwa uJehova. Manje ngijabule ngokuthi sengibhapathiziwe njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngifuna ukuphila ngokuvumelana nomyalo omkhulu kunayo yonke wokuba ngithande uJehova uNkulunkulu wami ‘ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami nangayo yonke ingqondo yami.’”—Mathewu 22:37.

U-Olia, ePoland, uphethe iphepha azidwebele lona elinesihloko somhlangano esithi: “Lwelani Ukuba Nokuthula”!

U-Olia waseCherkasy wayengummemezeli ongabhapathiziwe lapho kuqala impi. NgoMashi 6, wabalekela ePoland nendodakazi yakhe nomzukulu wakhe. Uthi: “Safika ePoland siphethe izikhwama zezimo eziphuthumayo kuphela kodwa abafowethu nodadewethu abangamaKristu basinakekela sobathathu. Konke lokhu kwangiqinisekisa ngokuthi inhlangano kaJehova inobunye nangokuthi iholwa umoya ongcwele. Ngemva kokubhekana nakho konke lokhu, ngazimisela nakakhulu ukunikela ukuphila kwami kuJehova. Wangisiza ngesikhathi ngingazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani, ngakho ngifuna ukumkhonza ngimbonise ukuthi ngiyambonga.”

UYulia waseSifundeni SaseDonetsk uneminyaka engu-18. Wakhulela emndenini ongoFakazi kodwa akazange abhapathizwe. Usixoxela ngokwenzeka lapho kusanda kuqala impi. Uthi: “Ngangilele mba phansi, ngangibona ukuthi ngingafa noma nini. Imizi yangasekhaya yacekeleka phansi kodwa sasinda. Ngemva kokuba konke lokhu kwenzekile, ngathandaza futhi ngazindla ngobuntu bukaJehova, lokhu kwangenza ngasondelana naye ngayeka nokungabaza ukuthi kufanele yini nginikele ukuphila kwami kuJehova. UJehova wangibonisa ukuthi wayeseduze kangakanani nami ngokuphendula imithandazo yami. Bengazi ukuthi uNkulunkulu ukhona kodwa manje sengiyamthanda.” UYulia wabhapathizwa ngoJulayi 23.

UDavid, oneminyaka engu-11, ngaphambi kokuba abhapathizwe eJalimane

Lapho kuqala impi, uDavid oneminyaka engu-11 wabalekela eJalimane nomndeni wakhe. Waba ummemezeli ongabhapathiziwe eneminyaka engu-9. Uyakulangazelela ukufinyelela imigomo yakhe enkonzweni kaJehova. Uthi: “Nganquma ukubhapathizwa ngoba ngiyamthanda uJehova futhi ngifuna ukuba umngane wakhe. Lapho ngibhapathizwa, ngakhala izinyembezi zenjabulo ngoba ngase ngiyingxenye yomndeni kaJehova omangalisayo. Ngiyathanda ukuxoxela abantu ngoJehova nangalokho akuhlosile ngabo, ngakho umgomo wami olandelayo uwukuba iphayona. Ngifuna nokukhonza abafowethu nodadewethu ebandleni, ngithemba ukuthi ngelinye ilanga ngiyoba inceku ekhonzayo. Omunye umgomo engizibekele wona ukukhonza eBethel. Lona bekulokhu kuwumgomo wami selokhu ngavakashela ihhovisi legatsha laseLviv ngo-2018.”

U-Olena waseKyiv waba ummemezeli ongabhapathiziwe ngo-2011. Wayesephole iminyaka eyishumi. Ngo-2020, abadala baxhumana naye base bemnika incwajana ethi Buyela KuJehova. Uthi: “Ngaphinde ngafundelwa ngaqala nokuya emihlanganweni. Kodwa ngemva kwesikhathi esithile, ngabuye ngayeka. Phakathi nempi, uJehova wayiphendula imithandazo yami, ngabona ukuthi ubelokhu engivikela, ebonisa ukuthi uyangithanda enginika nokuthula kwangaphakathi. Ngabalekela eRomania ngathola oFakazi. Abafowethu bangibonisa uthando futhi banginakekela, kwaba sengathi uJehova ungimbathise ngengubo efudumele.” U-Olena wabhapathizwa ngoJulayi 23. Uthi: “Ngiyambonga uJehova ngokuthi wangibekezelela. Manje ngiyazi ukuthi ‘nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.’”—Filipi 4:13.

Kusukela ngo-Agasti 2, 2022, yilawa amanani angezansi abikiwe ngalokho okwenzeka e-Ukraine. La manani asekelwe emibikweni eqinisekisiwe evela kubazalwane bendawo. Noma kunjalo, inani elithe ngqo kungenzeka liphakeme njengoba kunzima ukuxhumana nazo zonke izigodi zezwe.

Indlela Abafowethu Nodadewethu Abathinteke Ngayo

  • Sekushone abamemezeli abangu-43

  • Sekulimale abamemezeli abangu-97

  • Abamemezeli abangu-22 568 babalekile emizini yabo

  • Imizi engu-586 ibhidlikile

  • Imizi engu-613 icekelwe phansi

  • Imizi engu-1 632 ithinteke kancane

  • AmaHholo OMbuso amahlanu abhidlikile

  • AmaHholo OMbuso ayishumi acekeleke phansi

  • AmaHholo OMbuso angu-37 athinteke kancane

Imizamo Yokunikeza Usizo

  • Angu-27 amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni (DRCs) asiza e-Ukraine

  • Abantu abangu-53 836 basizwa yila maKomiti ukuze bathole indawo ephephile

  • Abamemezeli abangu-24 867 babalekele kwamanye amazwe futhi basizwa abanye abafowethu nodadewethu