Dlulela kokuphakathi

E-UKRAINE

Amanqampunqampu Nge-Ukraine

Amanqampunqampu Nge-Ukraine

Sekuphele iminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi BakaJehova bekhona e-Ukraine. Babhaliswa ngokusemthethweni ngoFebhuwari 28, 1991, ngaphambi nje kokuba i-Ukraine ibe yizwe elizimele.

Umbuso wamaNazi noweSoviet, wabashushisa kakhulu oFakazi BakaJehova e-Ukraine. Ngo-Ephreli 8, 1951, izikhulu zeSoviet zadingisa oFakazi abangaphezu kuka-6 100, zibasusa entshonalanga ye-Ukraine zibayisa eSiberia. Izinto zaqala ukuba ngcono ngoJuni 1965, ngemva kokuba iNkantolo Ephakeme Yase-Ukraine ikhiphe isinqumo sokuthi izincwadi zoFakazi BakaJehova ziyizincwadi zenkolo futhi azimelene nombuso weSoviet. Iziphathimandla zayeka ukubopha abantu abafunda izincwadi zoFakazi, kodwa zaqhubeka zibabopha oFakazi uma bexoxa nabantu ngezinkolelo zabo. NgoSepthemba 1965, uhulumeni wakhulula bonke oFakazi ababedingiselwe eSiberia ngo-1951, kodwa iningi labo alivunyelwanga ukubuyela ezindaweni zalo. OFakazi baqhubeka beshushiswa kwaze kwaba sekuqaleni kwawo-1980.

Namuhla, oFakazi BakaJehova banenkululeko yokuhlangana ndawonye ukuze bakhonze uNkulunkulu futhi benze umsebenzi wabo wokufundisa umphakathi ngaphandle kokuhlushwa iziphathimandla. Nokho, ngezinye izikhathi baye bahlaselwe abantu ababazondayo. Kuncane iziphathimandla ezikwenzile ukuze zivikele oFakazi nezindawo abakhonzela kuzo, futhi izikhathi eziningi akukho okwenziwayo ngalabo ababahlaselayo. Ukungenzi lutho kweziphathimandla kwenza abahlaseli baqhubeke futhi njengoba ingxenye esempumalanga yaleli zwe inezinxushunxushu kuye kwanda ukuhlaselwa koFakazi.