Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 13, 2015
E-UKRAINE

Kuqhwagwe Izakhiwo Zokukhulekela Ezingxenyeni Ezisempumalanga Ye-Ukraine

Kuqhwagwe Izakhiwo Zokukhulekela Ezingxenyeni Ezisempumalanga Ye-Ukraine

Ngo-January 2015, amaqembu ahlomile bese eqhwage amaHholo OMbuso (izindlu zokukhulekela) oFakazi BakaJehova angu-14 e-Ukraine. Lezi zakhiwo eziqhwagiwe ziseDonetsk naseLuhansk engxenyeni esempumalanga yezwe, lapho udlame beluqhubeka khona izinyanga eziningi. La madoda ahlomile aye ahlasela oFakazi BakaJehova ngenxa yobandlululo nokungayihloniphi inkululeko yoFakazi engokwenkolo neyokuba nemihlangano.

Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-20 oFakazi BakaJehova benenkululeko yokukhulekela e-Ukraine. UVasyl Kobel, ongomunye woFakazi BakaJehova okhonza ehhovisi legatsha laseLviv, wathi: “Besilokhu sihlangana njalo ezindaweni zethu zokukhulekela ukuze sifunde iBhayibheli futhi sithandaze, kanti besilokhu sizama ukuba yisibonelo esihle emphakathini esiphila kuwo. Kodwa ezinyangeni zamuva, ukuphila kwabantu base-Ukraine kuye kwaphazamiseka kakhulu ngenxa yezinxushuxhushu ezisempumalanga yezwe. OFakazi BakaJehova nabo baye bathinteka; nathi siyizisulu zalolu dlame.”

UMnu. Kobel wayekhulumela oFakazi BakaJehova abangu-150 000 abahlala e-Ukraine. Izinkulungwane zoFakazi zibalekile kule ndawo ekhungethwe yimpi ezinyangeni zamuva. Kodwa oFakazi abalinganiselwa ku-17 500 abasele eDonetsk naseLuhansk bazama ukuqhubeka nemisebenzi yabo yansuku zonke phakathi nalezi zimpi. Ngenxa yokuthi amaHholo oMbuso aye athathwa, izinkulungwane zoFakazi azisenazo izakhiwo zokukhulekela, ngakho ziyaphoqeleka ukuba zihlangane ezindaweni ezicinene emakhaya azo. Abanye oFakazi manje sekumelwe bahambe cishe amahora amabili lapho beya kokhulekela nalapho sebebuya.

Ukuqhwagwa KwamaHholo OMbuso Kubonisa Inzondo Ngenkolo

Ukuqhwagwa kwamaHholo oMbuso akuyona into ethuke yenzeka nje kodwa ukuhlasela okuqondiswe koFakazi ngokukhethekile nasezinkolelweni zabo. Umholi welinye iqembu lamadoda wamemezela ukuthi inhloso yakhe “iwukuqeda bonke oFakazi BakaJehova” ngoba, ngokombono wakhe, iSonto lama-Orthodox liwukuphela kwenkolo evumelekile endaweni. Omunye umholi wathi, “Libashonele oFakazi BakaJehova.” Naphezu kwalezi zinsongo, oFakazi BakaJehova bazimisele ukuqhubeka nomsebenzi wabo kulo lonke elase-Ukraine.

Nakuba kungekho Fakazi oselimele ngenxa yokuthathwa ngendluzula kwezindawo zabo, ukulondeka nenkululeko yabo yokuhlangana nabakholwa nabo iyasongelwa. Kwesinye isigameko, amadoda ahlomile agasela eHholo LoMbuso edolobheni laseHorlivka esifundeni saseDonetsk ngenkathi kuqhubeka imihlangano yokukhulekela, esabisa ababekhona, okuhlanganisa amadoda nabesifazane asebekhulile, nezingane. Kwesinye, lapho oFakazi befika eHholo labo loMbuso bezokhulekela bashaqeka lapho bethola ukuthi izihluthulelo zazishintshiwe nokuthi lesi sakhiwo sase sihlala amasosha.

Yini Eyenziwayo Ukuze Kulungiswe Le Nkinga

UMnu. Kobel wathi: “Ihhovisi legatsha laseLviv lithintane neminyango kahulumeni ehlukahlukene kanye nezinye iziphathimandla ukuze libabikele ngalokhu kuqhwagwa kwezakhiwo zabo okungemthetho. Lokhu kwenza uhulumeni azi ukuthi okwenzeka kulezi zakhiwo nezenzo zalaba asebehlala khona ngokungemthetho, asikwazi ukukulawula.” Ngaphezu kwalokho, ihhovisi legatsha liyaleze amadoda aholayo emabandleni oFakazi BakaJehova esifundeni saseDonetsk nesaseLuhansk ukuba enze konke okusemandleni awo ukuqinisekisa ukuphepha koFakazi ngabanye. La madoda aye akhunjuzwa ukuthi ukuphila kwabantu kubaluleke kakhulu kunezakhiwo, nokuthi akukho sinyathelo esingabeka ukuphepha kwanoma yimuphi uFakazi engozini okufanele sithathwe.

Njengoba izinxushuxhushu zisaqhubeka, okwamanje akukho zinyathelo ezingokomthetho oFakazi abazithathile ukuze babuyiselwe amaHholo abo oMbuso. Nokho, naphezu kobunzima obubangelwa ukuthathwa kwamaHholo oMbuso, oFakazi bazimisele ukuqhubeka nemisebenzi yabo yenkolo. Balangazelela isikhathi lapho izakhiwo zabo ziyobuyiswa khona futhi baphinde bahlangane nabakholwa nabo kamnandi nangokulondeka emaHholo oMbuso.