Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 21, 2014
E-UKRAINE

Ezamuva: OFakazi BakaJehova Banikeza Usizo Ezinkulungwaneni Zababaleki E-Ukraine

Ezamuva: OFakazi BakaJehova Banikeza Usizo Ezinkulungwaneni Zababaleki E-Ukraine

E-LVIV, e-Ukraine—OFakazi BakaJehova bayaqhubeka besiza abakhulekeli abakanye nabo ababalekele impi eshubile eqhubeka engxenyeni esempumalanga ye-Ukraine.

Phakathi koFakazi abangaba ngu-7 500 ababalekele impi, abangaba ngu-4 000 banakekelwa amakomiti angu-7 asiza lapho kuvele khona izinhlekelele, ahlelwe yihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseLviv. Abanye kulaba babaleki bahleli emizini yezihlobo neyabakhulekeli abakanye nabo e-Ukraine naseRussia. Amanye amakomiti ayisithupha anakekela oFakazi abangaphezu kuka-17 500 abasahlala khona endaweni okulwelwa kuyo.

Amabhomu abhidliza izindlu eziningana zoFakazi, kuhlanganise nale esedolobhaneni laseSemenivka, esifundeni saseDonetsk.

Igatsha laseLviv liqinisekisile ukuthi kunoFakazi abayisithupha asebeshonile kusukela impi yaqala. Omunye uFakazi eKramatorsk washona ngo-June 17, 2014, ngesikhathi kuqhuma ibhomu eduze kwemoto ayeyigibele. Abanye oFakazi abahlanu, omunye ohlala eDonetsk, omunye eSloviansk, omunye eRozkishne nomunye eLuhansk, nabo babulawa amabhomu.

Ukuze linikeze usizo oluqhubekayo, ihhovisi legatsha lihlela ukwakhiwa kabusha kwezindawo zokukhulekela zoFakazi namakhaya abo.

OFakazi belungisa uphahla lwendlu olonakele edolobheni laseSloviansk.

Abameleli Bezindaba:

Emhlabenijikelele: UJ. R. Brown, Office of Public Information, ucingo +1 718 560 5000

E-Ukraine: UVasyl Kobel, ucingo +38 032 240 9323