Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 04, 2012
E-UKRAINE

Ubulungisa Buyanqoba E-Ukraine

Ubulungisa Buyanqoba E-Ukraine

Ngo-September 26, 2012, iNkantolo Ephakeme Yase-Ukraine yawuchitha umzamo ongemthetho wokuqhwaga ingxenye enkulu yendawo okwakhiwe kuyo ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova.

OFakazi bathenga le ndawo ngo-1998 ngokomthetho. Nokho, ngo-2008, umnikazi wayo wangaphambili wayithengisa okwesibili, eyithengisela iSport Development Center LLC (SDC). Lesi senzo saziwa ngokuthi ukudliwa komhlaba e-Ukraine.

Inkantolo yakuleyo ndawo yakhipha isinqumo esithi ukuthengwa komhlaba iSDC kungokomthetho futhi izicelo zoFakazi zokuba leli cala lidluliswe zachithwa.

Nokho, ubulungisa banqoba. Ngo-December 2011, inkantolo ephakeme yavuna oFakazi futhi ngo-April 2012 yasichitha isicelo seSDC sokuba icala lidluliselwe phambili. Lokhu kwaqinisekisa ngokomthetho ukuthi indawo ngeyoFakazi BakaJehova. Ngemva kwezinyanga ezintathu, inkantolo yokudlulisela amacala eLviv yasilahla isinqumo esingemthetho esasenziwe inkantolo yendawo esasithi lowo mhlaba ngoweSDC.

Isizama okokugcina ukuba ithole umhlaba, iSDC yadlulisela icala eNkantolo Ephakeme yase-Ukraine. Nokho ngo-September 26, ngokushesha nangendlela encomekayo, inkantolo yasenqaba isicelo futhi yalivala leli cala.

Ukube imizamo yokuqhwaga umhlaba iye yaphumelela, oFakazi BakaJehova bebeyolahlekelwa isakhiwo sabo sokuqondisa kanye nengxenye enkulu yomhlaba wabo futhi lokho bekuyolimaza umsebenzi wabo owenziwa egatsheni e-Ukraine.