Dlulela kokuphakathi

JULY 10, 2015
E-UKRAINE

Bahlaselwa Ngenxa Yenkolo Empumalanga Ye-Ukraine

Bahlaselwa Ngenxa Yenkolo Empumalanga Ye-Ukraine

Kusukela ngo-August 2014, amaqembu ahlomile empumalanga ye-Ukraine asevalele futhi ahlukumeza oFakazi BakaJehova abangu-26 ngenxa yenzondo engokwenkolo. Baningi oFakazi abahlala kule ndawo futhi baziwa ngomsebenzi wabo wokushumayela emphakathini nangokungathathi hlangothi kwezombusazwe. Amanye amaqembu ahlomile aye asizakala ngeziyaluyalu zamuva endaweni aba noFakazi shaqa, ebahlukumeza ngonya. *

Izigameko Zobudlova

  • Ngo-May 21, 2015, amaphoyisa asedolobheni laseStakhanov avalela amadoda amabili angoFakazi, aneminyaka engaphezu kuka-60 ubudala, ngenxa yomsebenzi wawo ongokwenkolo. Aboshelwa “ukuphazamisa ukuthula” futhi agwetshwa izinsuku ezingu-15. Ngesikhathi bevalelwe, labo Fakazi basolwa ngokuba yizimpimpi futhi bahlonywa imibuzo kaningi ngenhlangano yoFakazi BakaJehova. Amalungu ebandla ancenga umshushisi ukuba abadedele, kodwa wenqaba. Ekuqaleni umndeni nabanye oFakazi babenqatshelwe ukubabona kodwa kamuva bavunyelwa ukubanika ukudla, izingubo zokugqoka nemithi kathathu ngesonto. Oyedwa wadedelwa ngo-June 2, 2015, kwathi ngosuku olulandelayo kwadedelwa omunye—bayalwa ukuba baphume baphele kuleyo ndawo.

  • Ngo-May 17, 2015, amadoda ahlomile endaweni yaseNovoazovsk athatha oFakazi BakaJehova abane, abavala amehlo ayesebayisa enkanjini yamasosha ebakhombe ngezibhamu. Kwaphela amahora amabili ebhambabula labo Fakazi ngesihluku futhi enza sengathi ayababulala. Babefuna ukuba omncane kunabo bonke angene eqenjini labo lobusosha futhi bonke abanye bavume ukuthi ubu-Orthodox yibona obuwukuphela kwenkolo yeqiniso. Badedelwa ngakusasa sebempintsheke ubusuku bonke ejele lokuzenzela elincane elisesimweni esibi.

  • Ezinye zezibazi ezikoFakazi ababili abathathwa bayoshaywa eNovoazovsk

  • Ngo-January 22, 2015, eDonetsk, amadoda amathathu ahlomile athumba uFakazi emsebenzini. Umndeni wakhe wawungazi ukuthi ukuphi nokuthi kuthiwa wenzeni. Esavalelwe, wachaza kaningi ukuthi akathathi hlangothi kwezombusazwe futhi wadedelwa ngemva kwezinsuku ezingu-9.

  • Ngo-August 9, 2014, isidlamlilo esihlomile sathumba oFakazi ababili eStakhanov, esifundeni saseLuhansk. Bavalelwa izinsuku eziyisithupha, bashaywa ngesihluku futhi kwenziwa sengathi banqanyulwa izitho zomzimba noma bayabulawa. Babengakutholi ukudla okwanele, amanzi, izingubo zokugqoka nokwelashwa. Ababebathumbile babaphoqa ukuba baphike inkolo yabo, basho izivumo zenkolo yobu-Orthodox, bakhothamele izithombe, okwenza kwaba sobala ukuthi okuyiyona nkinga indaba yenkolo. Naphezu kwakho konke lokhu kuhlukunyezwa, oFakazi abayilahlanga inkolo yabo.

OFakazi BakaJehova banamathela kulokho abakukholelwayo futhi bayenqaba ukulwa, ukubhikisha noma ukusekela noma yiliphi iqembu lempi lase-Ukraine ngezimali. Amaqembu ahlomile aye ahlasela oFakazi ngoba bengathathi hlangothi futhi bengazamukeli izinkolelo zobu-Orthodox. Lokhu kuhlukunyezwa kuyimizamo yonya yokubaphoqa ukuba balahle inkolo yabo.

Ukubekezela Naphezu Koshushiso

Njengoba kusenemibango ngokuthi ubani ophethe kule ndawo, alukho usizo lwezomthetho oFakazi abangaluthola. Baye babika lezi zigameko kanye nezinye ezifana nazo emhlabeni wonke, kuhlanganise nakuMhlaziyi Okhethekile We-United Nations Wemibiko Yokuhlukunyezwa.

Naphezu kobunzima oFakazi BakaJehova abangase babhekane nakho empumalanga ye-Ukraine, bazimisele ukuhlale bengathathi hlangothi kwezombusazwe futhi bayaqhubeka bekhonza uNkulunkulu ngokuqapha. Banethemba lokuthi iziphathimandla zendawo zizohlonipha ilungelo eliyisisekelo labantu lokukhululeka ngokwenkolo.

^ isig. 2 Amadoda ahlomile ahlasela uYuriy, osesithombeni esisekuqaleni, ngoba enguFakazi KaJehova. Ngesinye isikhathi bamvimba emgwaqweni ebuya enkonzweni, kabili bamhlasela kwakhe. Babefuna ukuba ayeke inkolo nenkonzo yoFakazi BakaJehova.