Dlulela kokuphakathi

Umfoweth’ uDavid Splane, oyilungu leNdikimba Ebusayo, kanye nomkakhe bamukelwa ngezandla ezifudumele njengoba befika esikhumulweni sezindiza i-Lviv Danylo Halytskyi International Airport.

NOVEMBA 9, 2018
E-UKRAINE

Ukwamukela Izivakashi Nobunye Okwabonakala Emhlanganweni Okhethekile E-Ukraine

Ukwamukela Izivakashi Nobunye Okwabonakala Emhlanganweni Okhethekile E-Ukraine

NgoJulayi 6-8, 2018, oFakazi BakaJehova bamukela izinkulungwane zabafowabo nodadewabo ababeze emhlanganweni okhethekile owawuseLviv e-Ukraine. Izihambeli ezingaphezu kuka-3 300 ezivela emazweni angu-9 zathutheleka e-Ukraine ukuze zizozuza emhlanganweni okhethekile owawunesihloko esithi “Yiba Nesibindi”! Lezi zihambeli zaphinde zajabulela nokwamukelwa ngabafowethu base-Ukraine ngezandla ezifudumele.

Ukulungiselela lo mhlangano okhethekile kwaqala ngo-Ephreli 2017, futhi ezinyangeni ezingu-15 ezalandela oFakazi bendawo banikela ngesikhathi sabo ukuze basize ekwenzeni amalungiselelo nasekwamukeleni abazalwane ababeze kulo mhlangano. Izihambeli zalo mhlangano zajabulela ukubona izinto eziyingxenye yamasiko ase-Ukraine njengemidanso, umculo, nokudla kwakule ndawo. Kwaphinde kwahlelwa ukuba izivakashi ziboniswe amamnyuziyamu, imizi yakudala kanye nezintaba ezinhle ezibizwa ngokuthi ama-Carpathian. Okwaba kuhle nakakhulu ukuthi izivakashi zathola ithuba lokushumayela noFakazi base-Ukraine.

Umhlangano wawubanjelwe enkundleni enkulu yaseLviv, futhi kwakunezilaleli ezingaphezu kuka-25 000. Izingxenye eziyinhloko zalo mhlangano zasakazwa nakwezinye izinkundla ezingu-15 nasemaHholo OMbuso amaningana, okwenza isibalo esiphelele sabawulalela safinyelela ku-125 000 futhi kwabhapathizwa abangu-1 420.

U-Ivan Riher ongummeleli wehhovisi legatsha lase-Ukraine wathi: “Besisibheke ngabovu lesi senzakalo kanye nethuba lokwamukela abafowethu nodadewethu bakwamanye amazwe. Sikujabulele kakhulu ukwamukela abafowethu, futhi lesi senzakalo siqinise ubunye nesibindi esinaso njengabazalwane emhlabeni wonke.”—IHubo 133:1.

 

Ababekhona enkundleni yomhlangalo eLviv bafinyelela ku-25 489.

Omunye wabadala kakhulu kwabangu-1 420 ababhapathizwa.

Omunye wentsha eningi eyabhapathizwa kulo mhlangano.

Abamemezeli bahlanganiswa nezihambeli ukuze kumenye umphakathi ohlala edolobheni umhlangano owawuzoba kulo.

Igatsha laqasha i-Lviv Opera House enesiteji esikhulu kunazo zonke ezinye kuleli dolobha. Izihambeli zajabulela ukubona imidanso kanye nomculo wase-Ukraine. Ekuphetheni kwaculwa ingoma ethi “NguJehova Igama Lakho.”

OFakazi bendawo badansa umdanso wamaRomany endaweni okuthiwa iSvirzh Castle.

Lapho kuphela umhlangano, abamemezeli bendawo baphakamisa izingqwembe ezazinemibhalo ebonisa indlela ababathanda ngayo abafowabo nodadewabo.