JULY 6, 2015
E-UKRAINE
Umhlangano Okhethekile WoFakazi E-Ukraine Usakazwa Ufinyelele Nasendaweni Ekhungethwe Yimpi
ELVIV, e-Ukraine—Ngo-February 14, 2015, oFakazi BakaJehova baba nomhlangano okhethekile ukuze kuvuselelwe abakholwa nabo abangaphezu kuka-17000 abahlala endaweni ekhungethwe yimpi empumalanga ye-Ukraine. Lesi simiso esathatha amahora amabili sasakazwa bukhoma nge-video ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseLviv kuxhunywe nezindawo ezisempumalanga ye-Ukraine nezinye ezweni lonkana. Lo mhlangano wawufike ngesikhathi ngempela njengoba itheku laseMariupol lalishaywe amarokhethi ngo-January 24, 2015, acekela phansi imizi emithathu nezindlu zoFakazi ezingu-58 ezisemafulethini. UFakazi oyedwa walimala kanzima kwathi omunye, owayeneminyaka engu-16 kuphela, wafa.
Libambisene negatsha laseRussia, ihhovisi legatsha lase-Ukraine lahlela ukusiqopha sonke isimiso nge-video bese lisidlalela oFakazi baseBelarus nabaseRussia nge-Internet. Ngenxa yalokho, ngaphezu koFakazi base-Ukraine abangu-150841, lesi simiso sathanyelwa abanye oFakazi baseBelarus nabaseRussia abangu-186258, okwenza ingqikithi yaba ngu-337099.
UGustav Berki, okhulumela oFakazi BakaJehova e-Ukraine, uyachaza: “Imibiko yemisebenzi yokusiza e-Ukraine yabaduduza kakhulu labo abasendaweni ekhungethwe yimpi. Kwabaqinisekisa kakhulu futhi ukuzwa indlela ikomiti yosizo eRostov-on-Don, eRussia, enakekela ngayo abafowethu abangababaleki.”
Okhulumela oFakazi BakaJehova eRussia, uYaroslav Sivulskiy, uthi: “OFakazi BakaJehova baziwa umhlaba wonke ngokuba nokuthula nangokungathathi hlangothi kwezombusazwe. Kulo mhlangano kwaba nanezingxoxo eziqokomisa isisekelo esingokomBhalo sokungathathi kwethu uhlangothi. Lo mhlangano wagcizelela ukuthi kungani thina boFakazi singathathi hlangothi ezimpini kungakhathaliseki ukuthi singabaseRussia, abase-Ukraine, noma abesinye isizwe.”
Kuze kube manje, ihhovisi legatsha lase-Ukraine liye lahlela amaKomiti Asiza Ezinhlekeleleni angu-14 ukuba anakekele labo abathintwe yimpi. La makomiti aye anikeza akholwa nabo nabangebona oFakazi ukudla okungamathani angu-149 nezingubo ezingamathani angu-21 kule ndawo. Aye ahlela ukuba ababaleki abangaphezu kuka-7600 bakhelwe izindlu futhi alungisa noma akha kabusha imizi namaHholo OMbuso (izindlu zokukhulekela) amaningi ayecekeleke phansi. Ngokwesibonelo, edolobheni laseMariupol, ngemva nje kwezinsuku ezimbili kwenzeke inhlekelele, iKomiti Esiza Ezinhlekeleleni yakwazi ukuhlela amavolontiya angu-160 ukuba aqale umsebenzi wokulungisa izindlu ezingu-34 ezisemafulethini ezazithintekile.
UMnuz. Berki wachaza nokuthi umsebenzi wokusiza oqondiswa yihhovisi legatsha lase-Ukraine awunakekeli nje kuphela izidingo ezingokwenyama zamanje. Uthi: “Ngaphezu kwalo mhlangano okhethekile, izikhonzi ezijikelezayo ziyaqhubeka zivakashela imiphakathi engu-136 yoFakazi BakaJehova endaweni ekhungethwe yimpi. Futhi njengoba kuhlale kunjalo emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, abadala bebandla bazama kanzima ukunikeza induduzo nesikhuthazo esingokomoya kulabo ababanakekelayo.”
Abezindaba:
Emhlabeni jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000
AbaseBelarus: uPavel Yadlouski, ucingo +375 17 292 93 78
AbaseRussia: uYaroslav Sivulskiy, ucingo +7 812 702 2691
Abase-Ukraine: uGustav Berki, ucingo +38 032 240 9323