Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 11, 2014
E-UKRAINE

Phakathi Nezinxushunxushu E-Ukraine, OFakazi BakaJehova Bahlangana Ngokuthula; Kwakhululwa NeBhayibheli

Phakathi Nezinxushunxushu E-Ukraine, OFakazi BakaJehova Bahlangana Ngokuthula; Kwakhululwa NeBhayibheli

U-Anthony Morris weNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova ekhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ebukeziwe.

ELVIV, e-Ukraine—Naphezu kwempi eqhubekayo empumalanga ye-Ukraine, oFakazi BakaJehova baba noMhlangano Wesifunda onesihloko esithi “Qhubekani Nifuna Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!” eLviv kusukela ngo-July 4-6, 2014. U-Anthony Morris, oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, wakhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yolimi lwesimanje lwesi-Ukraine.

Ihhovisi legatsha lendawo loFakazi lahlela ukuba izinkulumo eziyisihluthulelo zalo mhlangano zisakazwe nge-video emadolobheni angu-8 nakwezinye izindawo ezingu-62 endaweni yaseDonetsk, lapho impi yayishube khona. Ababethamele lo mhlangano, kuhlanganise nalabo ababekulezi zindawo eziqhelile, bafinyelela ku-82 832, kanti enkundleni yaseLviv bafinyelela inani elingu-18 336. Kwabhapathizwa abangu-1 068.

Kwaba nenani labantu elifinyelela ku-18 336 eMhlanganweni onesihloko esithi “Qhubekani Nifuna Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!” e-Arena Lviv.

Ngosuku lokuqala lomhlangano, isimiso saphazanyiswa umbiko wokuthi kunebhomu elicushiwe, okwaholela ekutheni bonke abantu bakhishwe ngawo lowo mzuzu enkundleni. Ngemizuzu engu-11 nje kuphela, bonke abantu abangaphezu kuka-16 000 ababekule nkundla base bephumile, kodwa umhlangano waphinde waqhubeka ngokushesha ngemva kokuba iziphathimandla ziqinisekisile ukuthi lo mbiko wawungamanga.

UVasyl Kobel, okhulumela oFakazi BakaJehova e-Ukraine, uthi: “Sajabula kakhulu ukwamukela izivakashi eziningi kangaka emhlanganweni wethu. Into esingasoze sayilibala ukukhululwa kwe-Nguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe ngolimi lwesi-Ukraine, okuyinguqulo eyayiqale yakhululwa ngesiNgisi ngo-October 2013. Sikulangazelela kakhulu ukuxoxa nomakhelwane bethu ngesithembiso seBhayibheli sekusasa elinokuthula, ikakhulukazi kulezi zikhathi ezineziyaluyalu emlandweni wezwe lakithi.”

Abameleli Bezindaba:

Emhlabeni jikelele: UJ. R. Brown, Office of Public Information, ucingo: +1 718 560 5000

E-Ukraine: UVasyl Kobel, ucingo: +38 032 240 9323