Dlulela kokuphakathi

NOVEMBA 6, 2020
E-UNITED STATES

ISiphepho UZeta Sicekele Phansi ENingizimu-mpumalanga Ye-United States

ISiphepho UZeta Sicekele Phansi ENingizimu-mpumalanga Ye-United States

Indawo

ENingizimu-mpumalanga Ye-United States

Inhlekelele

  • Isiphepho esinomoya onamandla seSigaba 2 sahlasela eLouisiana ngo-Okthoba 28, 2020, ngaphambi kokuba sishintshe sibe yimvula enamandla futhi sadlulela nakwezinye izingxenye eziseningizimu-mpumalanga yezwe lase-United States

  • Isiphepho esinamandla sihlasela izingxenye ezigudle ugu futhi imimoya enamandla icekela phansi impahla, ibangele nokunqamuka kukagesi

Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo

  • Abamemezeli abangu-324 balahlekelwa yindawo yokuhlala noma kwadingeka babaleke ezindaweni zabo

  • Ummemezeli oyedwa wathola imihuzuko

Ukulimala kwempahla

  • Imizi engu-291 namaHholo oMbuso angu-14 kwalimala kancane

  • Imizi engu-8 namaHholo oMbuso amathathu kwalimala kakhulu

  • Umuzi owodwa wabhidlika ngokuphelele

Imizamo yokunikeza usizo

  • Abadala bendawo nababonisi bezigodi benza ukuhambela kokwalusa futhi uma kudingeka banikeza nosizo lwezidingo ezingokoqobo kubafowethu nodadewethu abathintekile. IKomiti Yokunikeza Usizo Ezinhlekeleleni ayayimiselwe ukusingatha i-COVID-19 neSiphepho uLaura kule ndawo, iyona enikeza usizo nakulabo abakhahlanyezwe yiSiphepho uZeta, ngesikhathi esifanayo kube kulandelwa izinyathelo zokuphepha ze-COVID-19.

Siyadabuka ngendlela lesi siphepho esikuphazamise kabuhlungu ngayo ukuphila kwabafowethu nodadewethu. Kodwa nakulokhu futhi, uthando lukaJehova oluqotho kubakhulekeli bakhe lusobala kulo msebenzi wokunikeza usizo owenziwa abafowethu.—IHubo 89:1.