Dlulela kokuphakathi

SEPTHEMBA 17, 2020
E-UNITED STATES

Imililo Iyaqhubeka Entshonalanga Ye-United States

Imililo Iyaqhubeka Entshonalanga Ye-United States

Indawo

ECalifornia, e-Oregon, naseWashington

Inhlekelele

  • Imililo yequbula ebhebhetheka ngokushesha isishise indawo engamahektha angaphezu kwezigidi ezimbili ukusuka eCalifornia kuya eWashington

  • Le mililo emikhulu iyaqhubeka ingcolisa umoya, okwenza kube yingozi ukuwuphefumula

  • Omunye wale mililo ungomkhulu kakhulu emlandweni waseCalifornia

Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo

  • Abamemezeli abangu-4 546 kudingeke bashiye imizi yabo

Impahla elimele

  • Imizi engu-61 icekeleke phansi

  • Kulimele imizi engu-16

Imizamo Yokunikeza Usizo

  • AmaKomiti Okunikeza Usizo Ezinhlekeleleni ayaqhubeka nokubambisana nababonisi bezigodi kanye nabadala bamabandla ekusizeni abafowethu nodadewethu okudingeke bashiye imizi yabo, kuyilapho kulandelwa iziqondiso zokuphepha ze-COVID-19

Abamemezeli abathintekile bakubonile ukusekela kukaJehova esebenzisa inhlangano yakhe. Omunye udadewethu okwacekeleka phansi umuzi wakhe wathi abafowethu “babezimisele ukusinika noma yini esasiyidinga singakaqapheli nokuqaphela ukuthi siyayidinga.”

Nakuba abafowethu nodadewethu ezindaweni ezithintekile bebhekene novivinyo oluqhubekayo, bayaqhubeka bezwa ukunakekela nesihe sikaJehova.—Jakobe 5:11.