Dlulela kokuphakathi

SEPTHEMBA 1, 2020
E-UNITED STATES

Imililo Yequbula Icekela Phansi Intshonalanga Ye-United States

Imililo Yequbula Icekela Phansi Intshonalanga Ye-United States

Indawo

ENyakatho YeCalifornia Nase-Oregon

Inhlekelele

  • Ukushaya kwemibani engaba ngu-14 000 kanye neminye imithelela kubangele imililo yequbula engaphezu kuka-700 ehlukahlukene, eshise indawo engaphezu kwama-acre ayisigidi kulo lonke elasenyakatho yeCalifornia nezingxenye ezithile ze-Oregon

  • Intuthu nomlotha kungcolise umoya ngezinga lokuthi akusaphephile ukuwuphefumula. Ngo-Agasti 21, kwabikwa ukuthi inyakatho yeCalifornia yayinomoya ongahlanzekile ukwedlula noma iyiphi enye indawo emhlabeni

  • Emibili yale mililo eyayibhebhetheka kubikwa ukuthi ingeyesibili neyesithathu ngobukhulu kuyo yonke imililo yequbula emlandweni waseCalifornia

Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo

  • Abamemezeli abangu-936 kudingeke ukuba bathuthe emakhaya abo bayohlala endaweni yokukhosela isikhashana

Ukulimala kwempahla

  • Imizi emibili yabamemezeli ishe yangqongqa

Imizamo yokunikeza usizo

  • IKomiti Yokusiza Ezinhlekeleleni, ababonisi bezigodi nabadala bamabandla endawo basebenza ngokuzimisela ukuze basize labo abathintekile

Abafowethu nodadewethu bachichima ukubonga ngosizo abaluthola kubafowabo abangamaKristu. Omunye umfowethu wathi: “Noma ngabe kwenzekani, inhlangano ifika ngokuphazima kweso izokusiza. Singamalungu omndeni owodwa.” Imizamo eqhubekayo yokunikeza usizo iwubufakazi bokuthi akukho lutho ‘olungasihlukanisa nothando lukaNkulunkulu.’—Roma 8:39.