Dlulela kokuphakathi

AGASTI 20, 2020
E-UNITED STATES

Imvula Enamandla Ebizwa Ngokuthi IDerecho Idale Umonakalo Omkhulu Entshonalanga Emaphakathi Ye-United States

Imvula Enamandla Ebizwa Ngokuthi IDerecho Idale Umonakalo Omkhulu Entshonalanga Emaphakathi Ye-United States

Indawo

Entshonalanga Emaphakathi Ye-United States

Inhlekelele

  • Ngo-Agasti 10, 2020, imvula enamandla ehambisana nokuduma nomoya ebizwa ngokuthi yi-derecho yanqamula izwe ihambe icekela phansi

  • Umoya wacekela phansi isivuno nempahla, wabangela nokunqamuka kukagesi ezindaweni eziningi

Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo

  • Abamemezeli ababili bathola imihuzuko

  • Abamemezeli abangu-18 kwadingeka batholelwe indawo yokuhlala

Ukulimala kwempahla

  • Imizi engu-216 yalimala kancane

  • Imizi emihlanu yacekeleka phansi

  • AmaHholo OMbuso angu-24 alimala kancane

Imizamo yokunikeza usizo

  • AmaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni endawo asebenzelana nababonisi bezigodi kanye nabadala bamabandla endawo ukuze kunakekelwe abafowethu nodadewethu ezindaweni ezithintekile

Njengoba uJehova eqhubeka nokusekela abafowethu nodadewethu kulezi zindawo ezicekelwe phansi yizimvula neziphepho, silangazelela ukufika kwesikhathi lapho kuyobe kungasekho muntu oyokwesaba ukulahlekelwa ikhaya lakhe ngenxa yenhlekelele yemvelo.—Isaya 65:21.