Dlulela kokuphakathi

SEPTHEMBA 7, 2020
E-UNITED STATES

Isiphepho ULaura Sihlasela ELouisiana

Isiphepho ULaura Sihlasela ELouisiana

Indawo

E-Arkansas, eMississippi, entshonalanga yeLouisiana, nasempumalanga yeTexas

Inhlekelele

  • Isiphepho uLaura esisezingeni lesigaba 4 sihlasele entshonalanga yeLouisiana ngo-Agasti 27, 2020, okwenze ukuba umoya udale umonakalo omkhulu ezakhiweni, kwahamba nogesi

Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo

  • Siyadabuka ukusho ukuthi udadewethu osekhulile ushonile ngesikhathi bekhishwa esibhedlela beyiswa endaweni ephephile ngenxa yesiphepho

  • Omunye udadewethu ulimele okungatheni

  • Abamemezeli abangu-3 992 basezindaweni zokukhosela ngenxa yokuthi kudingeke bashiye amakhaya abo

Impahla elimele

  • Imizi yabafowethu engu-10 ibhidlike yaphela

  • Imizi engu-95 namaHholo OMbuso angu-4 kulimele kakhulu

  • Imizi engu-192 namaHholo OMbuso angu-16 kulimele okungatheni

Imizamo yokunikeza usizo

  • Igatsha lase-United States limise iKomiti Yokunikeza Usizo

  • Ababonisi bezigodi nabadala bendawo bayaqhubeka nokusiza abamemezeli ukuba bathole indawo yokuhlala ephephile njengoba bekhishwa emakhaya abo

Okwenzekile

  • Abafowethu abahlala ezindaweni eziseduze bavule imizi yabo ukuze bahlalise labo abadinga indawo, kuyilapho bonke belandela ezokuphepha ngokuphathelene ne-COVID-19. Omunye umfowethu owashiya umuzi wakhe wathi: “Konke lokhu sikubona kuyisibusiso sikaJehova!”

Ngokulalela isiqondiso nangokusiza abanye abaludinga ngempela usizo, abafowethu nodadewethu abasezindaweni ezithintwe yisiphepho ‘babonisa ukuthi bayizikhonzi zikaNkulunkulu.’—2 Korinte 6:4.