Dlulela kokuphakathi

SEPTHEMBA 24, 2020
E-UNITED STATES

Isiphepho USally Sidale Umonakalo Eningizimu-mpumalanga Ye-United States

Isiphepho USally Sidale Umonakalo Eningizimu-mpumalanga Ye-United States

Indawo

E-Alabama, eFlorida naseMississippi

Inhlekelele

  • Isiphepho esiseSigabeni 2 sihlasele e-Alabama ngoSepthemba 16, 2020. Sishiye kunezikhukhula ezinamandla ngamahora nje ambalwa

  • Imimoya enamandla idale umonakalo ezakhiweni nokunqamuka kukagesi ezindaweni eziningi

Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo

  • Abamemezeli abangu-240 kudingeke bahambe emakhaya okwesikhashana

  • Ummemezeli oyedwa uthole imihuzuko

Ukulimala kwempahla

  • Kulimale kancane imizi engu-143 kanye namaHholo oMbuso angu-11

  • Imizi engu-12 neHholo LoMbuso elilodwa kulimale kakhulu

Imizamo yokunikeza usizo

  • AmaKomiti Okunikeza Usizo Ezinhlekeleleni abambisene nababonisi bezigodi kanye nabadala bamabandla endawo ukuze kunakekelwe izidingo ezingokomoya nezingokwenyama zabafowethu nodadewethu endaweni ethintekile, ngesikhathi esifanayo bebe beqikelela ukulandela imibandela yokuphepha yezempilo ye-COVID-19

Omunye ummemezeli uyavuma ukuthi ngemva nje kokuhlasela kwalesi siphepho, uzizwe ecindezelekile. Kodwa ngemva kokuthola usizo olusheshayo ebandleni lakubo, ube esethi ngenjabulo, “Manje ngizizwa ngithandwa kakhulu abangane, ngizwa nokusekela kwabo okukhulu.”—1 Johane 3:18.