Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 7, 2012
E-UNITED STATES

OFakazi BakaJehova Bathengisa Isakhiwo EsasiyiHotel Bossert

OFakazi BakaJehova Bathengisa Isakhiwo EsasiyiHotel Bossert

OFakazi BakaJehova bathengise isakhiwo esasiyiHotel Bossert esiku-98 Montague Street, endaweni edumile yaseBrooklyn Heights eNew York City, basithengisela uDavid Bistricer weClipper Equity neChetrit Group. Ngo-1983 oFakazi baqala ukulungisa sonke lesi sakhiwo belandela imithetho engokomlando yeLandmarks Preservation Commission yakulesi sifunda futhi baklonyeliswa ngomsebenzi wabo. UDavid Semonian ongumkhulumeli woFakazi uthi: “Sikujabulele ukunakekela iBossert yonke le minyaka engu-25. Isakhiwo esihle lesi futhi sibe negalelo elikhulu emsebenzini wethu.”

Media Contact: David Semonian, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

 

Funda Okwengeziwe