Dlulela kokuphakathi

APRIL 22, 2013
E-UNITED STATES

Ukuqhunyiswa Kwamabhomu KuyiBoston Marathon

Ukuqhunyiswa Kwamabhomu KuyiBoston Marathon

Ngo-April 15, 2013, kwaqhuma ababhomu amabili ngasentanjeni yomncintiswano weBoston Marathon, kwafa abantu abathathu kwalimala abangu-176. Imibiko yathi akekho uFakazi KaJehova owalimala. Abanye oFakazi bendawo baba abokuqala abasiza izisulu ezazithinteke kuleyo nhlekelele. “Sithandazela labo abayizisulu nemikhaya yabo,” kusho uJ. R. Brown, ongumkhulumeli woFakazi. “Umgomo wethu uwukunikeza bonke labo abasosizini induduzo eseBhayibhelini ngenxa yalezi zenzo zodlame ezingenangqondo.”

Media Contact:

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000