Dlulela kokuphakathi

E-UNITED STATES

Amanqampanqampu Nge-United States

Amanqampanqampu Nge-United States

Umlando woFakazi BakaJehova e-United States waqala eminyakeni yawo-1870, ngesikhathi uCharles Taze Russell nabangane bakhe beqala ikilasi lokutadisha iBhayibheli. Eminyakeni eyalandela baqala ukukhiqiza izincwadi, basungula inhlangano kamuva eyaziwa ngokuthi i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania, bavula nendlunkulu yabo yokuqala eyayise-Allegheny, ePennsylvania.

OFakazi BakaJehova e-United States banenkululeko yokwenza imisebenzi yenkolo yabo. Kodwa ngasekuqaleni kweminyaka yawo-1900, babhekana nokushushiswa okunzima okuvela ezikhulwini zikahulumeni nakubaholi benkolo. Phakathi nawo-1930 nawo-1940, oFakazi balwa amacala amaningi ezinkantolo. Amaphoyisa ayebopha oFakazi uma benza umsebenzi wabo wokushumayela, izikole zazixosha izingane zoFakazi ezazinqaba ukushayela iflege indesheni, kanti izinkantolo zazigweba izinkulungwane zezinsizwa ezingoFakazi ezazenqaba ukusebenza kwezempi. INkantolo Ephakeme Yase-United States yakhipha izinqumo ezazivuna oFakazi kulawo macala.

Kuze kube manje oFakazi sebenqobe amacala angu-50 eNkantolo Ephakeme. Banqobe namanye amacala ezinkantolo ezincane ezweni lonke ezindabeni eziphathelene namalungelo eziguli, ilungelo lomzali lokuhlala nengane yakhe, ukusetshenziswa kwezakhiwo, ukubandlululwa emsebenzini nokuthuthela kuleli zwe. Ukunqoba la macala akuzange kugcine ngokuba nomthelela emthethweni-sisekelo waleli zwe nasekuthuthukiseni inkululeko yokukhuluma, yokuhlangana ndawonye neyenkolo e-United States, kodwa kuphinde kwaba nomthelela omuhle kwezinye izinkantolo eziphakeme zakwamanye amazwe emhlabeni.