Dlulela kokuphakathi

FEBHUWARI 26, 2018
E-UNITED STATES

Ezakamuva Mayelana Nemizamo Yokusiza Ngemva Kokuhlasela KweSiphepho UHarvey

Ezakamuva Mayelana Nemizamo Yokusiza Ngemva Kokuhlasela KweSiphepho UHarvey

ENEW YORK—Izakhamuzi zaseTexas, e-U.S.A., zisazama ukululama ngemva kokuhlasela kweSiphepho uHarvey, esaqala eduze kwaseCorpus Christi ngo-Agasti 25, 2017. KunamaKomiti Okunikeza Usizo amabili aqondisa imizamo yokusiza izinkulungwane zabafowethu nodadewethu abathintekile.

Umzalwane ucinga oFakazi BakaJehova esikhungweni sokunikeza usizo eHouston eTexas.

Bangaphezu kuka-7 000 abantu abavolontiya ekukhucululeni izindawo ezithintekile, okwakuhlanganisa nemizi yabamemezeli engaphezu kaka-2 300. Alinganiselwa ku-1 000 amavolontiya asiza emsebenzini wokwakha isonto ngalinye. Sekulungiswe amaHholo OMbuso angu-48 futhi kunezinhlelo zokulungisa imizi engaphezu kwengu-545 ezinyangeni ezizayo. Kulinganiselwa ukuthi lo msebenzi wokusiza uzodinga imali engaba ngu-$8.5 million, futhi uzophela ngoJuni 30, 2018.

Kusukela ekupheleni kuka-Agasti 2017, kunabameleli bamagatsha abangu-22 okuhlanganisa amalungu eKomiti Yegatsha angu-7, abaye bahambela izindawo ezihlaselwe inhlekelele, ukuze banikeze abamemezeli induduzo evela eBhayibhelini. Sithandazela ukuba izandla zabo bonke abasizayo ‘ziqine’ ukuze baqhubeke nalo msebenzi.—Nehemiya 6:9.

Izisebenzi ezinikeza usizo e-Aransas Pass, eTexas.

Abezindaba:

UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lezokwaziswa, +1-845-524-3000