Dlulela kokuphakathi

NOVEMBA 15, 2018
E-UNITED STATES

Imililo Yequbula Ibangela Umonakalo ECarlifornia

Imililo Yequbula Ibangela Umonakalo ECarlifornia

Ezakamuva: Igatsha lase-United States likhiphe umbiko obuhlungu wokuthi kushone umzalwane oneminyaka engu-70 eParadise, eNyakatho California ngenxa yomlilo iCamp Fire.

Kube nemililo emkhulu emithathu eCalifornia, e-United States, ebangele umonakalo omkhulu yabulala nabantu abangaphezu kwabangu-47. Umlilo omkhulu kulena emithathu, i-Camp Fire, uyaqhubeka uvutha eNyakatho California. Usushise indawo engamahektare angu-47 000, wacekela phansi izakhiwo ezingaba ngu-7 100 kanti iningi lalezo zakhiwo bekuyimizi yabantu. ENingizimu California, imililo emibili iHill Fire neWoolsey Fire, ishise indawo engamahektare angu-94 500 yacekela phansi izakhiwo ezingaba ngu-435. Ngokombiko wabezindaba, indawo eshiswe imililo eCalifornia kulo nyaka, ingaba “indawo enkulu kunezwe laseBelgium nelaseLuxembourg.”

Imibiko yokuqala evela ehhovisini legatsha lase-United States ibonise ukuthi umlilo iCamp Fire uphoqelele abamemezeli abangaba ngu-427 ukuba babaleke endaweni yaseChico naseParadise. Okubuhlungu nakakhulu ukuthi kunodade osekhulile wasebandleni lasePonderosa obulawe yilo mlilo. Sekuqinisekiswe nokuthi kunemizi yabazalwane engaphezu kwengu-93 eye yacekeleka phansi noma yalimala kakhulu. Kubhidlike neHholo LoMbuso endaweni yaseParadise.

Ngenxa yemililo iHill neWoolsey, kudingeke ukuba abamemezeli abangaba ngu-420 abahlala emadolobheni ase-Oxnard, eSimi Valley, naseThousand Oaks, basuke ezindaweni zabo. Kuyadabukisa ukuthi kunomzalwane oyedwa nomama wakhe ongeyena uFakazi abashonile eMalibu, ngesikhathi bebalekela umlilo. Ngesikhathi kuhlolwa okokuqala kutholakale ukuthi kulimale imizi yabafowethu engu-21 kanye neHholo LoMbuso elilodwa.

IHhovisi legatsha liye lamisa amaKomiti Okunikeza Usizo amabili, ukuze abafowethu bathole usizo lwezinto abazidingayo. Ababonisi bezigodi baqondisa abadala ukuba banikeze abamemezeli abathintekile isikhuthazo esivela emiBhalweni kanye nosizo abaludingayo. NgoMgqibelo, ngoNovemba 10, kwaba nomhlangano okhethekile eChico futhi kulowo mhlangano kwaba khona abafowethu nodadewethu abangaba ngu-270. Kulowo mhlangano ilungu leKomiti Yegatsha lase-United States kanye nababonisi bezigodi banikeza ababekhona izikhuthazo ezivela emiBhalweni.

Sithandazela ukuba abafowethu ababhekene nalesi simo bathole induduzo namandla avela kuJehova, futhi bakhumbule ukuthi maduze uzosula zonke izinyembezi aqede nokufa.—Isaya 25:8.