Dlulela kokuphakathi

SEPTHEMBA 20, 2018
E-UNITED STATES

Isiphepho UFlorence Ucekela Phansi Ingxenye EseNingizimu-mpumalanga YeMelika

Isiphepho UFlorence Ucekela Phansi Ingxenye EseNingizimu-mpumalanga YeMelika

Izikhukhula ezihambisana nesiphepho esinamandla esibizwa ngoFlorence sezilimaze izindawo eziningana eNyakatho YaseCarolina, eNingizimu YaseCarolina, nakwezinye izifundazwe. Lesi siphepho esiqale sisezingeni lesigaba 4 sesibulale abantu abangaphezu kuka-31, izinkulungwane zasala zingenayo indawo yokuhlala.

Ngokombiko ovela egatsheni laseMelika bangaphezu kuka-4 000 oFakazi abalahlekelwe yizindawo zokuhlala, kodwa abekho abafile noma abalimale kakhulu. Nakuba isimo siba ngconywana, kusanezindawo ezingafinyeleleki ngenxa yamanzi. Okwamanje kubonakala sengathi iwu-351 imizi yabafowethu nodadewethu elimele, namaHholo OMbuso awu-21.

IKomiti Yokunikeza Usizo ihlela ukuhanjiswa kokudla, amanzi, nezinto zokugqoka, ukuthola izindawo zokuhlala kanye nokunakekelwa kwalabo abadinga usizo lwezokwelapha. Kumiswe namaqembu amabili asiza ekususeni izihlahla eziwile ezingxenyeni ezihlukahlukene. Kunezindawo eziningi ezigcwele amanzi, okuyinkinga enkulu njengamanje. Ngakho kunamavolontiya azobe esiza ngaphansi kokuqondisa kweKomiti Yokunikeza Usizo, avela emabandleni asendaweni nakwezinye izindawo. Abadala basemabandleni endawo kanye nombonisi wesigodi bayaqhubeka bevakashela abafowethu abathintekile ukuze babaqinise.

Siyabathandazela abafowethu nodadewethu ababhekene nobunzima obubangelwe yile nhlekelele yemvelo. Silangazelela isikhathi lapho sizophila khona ‘singabi nangebhe.’—Isaya 12:2.