Dlulela kokuphakathi

OKTHOBA 17, 2018
E-UNITED STATES

Umonakalo Omkhulu Ngemva Kwesiphepho UMichael, Esiphakathi Kwezinamandla Kakhulu Kwezike Zahlasela Emlandweni WaseMelika

Umonakalo Omkhulu Ngemva Kwesiphepho UMichael, Esiphakathi Kwezinamandla Kakhulu Kwezike Zahlasela Emlandweni WaseMelika

Ngo-Okthoba 10, 2018, isiphepho esibizwa ngokuthi uMichael sibangele ukudilika kwenhlabathi eFlorida, saqhubeka sidala umonakalo omkhulu njengoba besidlula ezindaweni eziseningizimu mpumalanga ye-United States. Lesi siphepho seSigaba 4 singezinye zeziphepho ezinamandla eziye zahlasela e-United States zabangela nomonakalo omkhulu ezakhiweni. Kufe abantu abangaphezu kuka-18.

Kuthinteke abafowethu nodadewethu abasemabandleni angu-94, ezigodini ezingu-13. Nakuba kulimale abazalwane abathathu, abekho abafowethu abashonile. Lesi siphepho silimaze imizi yabafowethu engu-528 namaHholo OMbuso angu-34, kwathi amaHholo OMbuso angu-39 aphelelwa ugesi.

Igatsha lase-United States, iKomiti Yokunikeza Usizo kanye nababonisi abangaphezu kwabangu-40, babambisene ekwenzeni izinhlelo zokuhambisela abafowethu abathintekile usizo. Lolo sizo luhlanganisa ukudla, usizo lwezokwelapha, indawo yokuhlala, amanzi, ukulungisa uphahla emizini elimele, kanye nokususa imfucumfucu nezihlahla eziwiswe isiphepho. Kwenziwe nezinhlelo zokuhambisa isikhuthazo nenduduzo kubafowethu nodadewethu abathintekile.

Nakuba abafowethu nodadewethu bebhekana nezimo ezinzima zesikhathi esiphila kuso, ezihlanganisa nalezo ezibangelwa izinhlekelele zemvelo, bathembela kuNkulunkulu wethu beqiniseka ukuthi uyohlale ebasekela.—IHubo 142:5.