Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 9, 2012
E-UNITED STATES

ISiphepho USandy Sigadla OGwini OluseMpumalanga Ye-United States

ISiphepho USandy Sigadla OGwini OluseMpumalanga Ye-United States

ENEW YORK—Ngomhla ka-29 October, 2012 iSiphepho uSandy sadala umonakalo omkhulu ezindaweni eziningi ezigudle uGu oluseMpumalanga ye-United States. OFakazi BakaJehova basebenzisana neziphathimandla zendawo ukuze basize ekunakekeleni abakhulekeli abakanye nabo kanye nabanye abathintekile.

Balinganiselwa ku-200 000 oFakazi abahlala ezifundeni ezithinteke ngokuqondile. Ezindaweni ezithinteke kakhulu, babili kuphela oFakazi okubikwa ukuthi balimele kodwa akekho ofile. EGeorgia, imimoya enamandla yaphula igatsha lesihlahla futhi kwalimala kakhulu umntwana omncane; abazali bakhe bahlanganyela kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova. Ngenkathi kubhalwa lo mbiko, umntwana ubesesimweni esibucayi. OFakazi bendawo nabanye abezwa lo mbiko kwabezindaba bayaqhubeka nokusekela lo mndeni.

Isiphepho saphazamisa ezokuxhumana eziya kwezinye izindawo. Lapho ezokuxhumana sezilungisiwe, uzohlolwa ngokucophelela umonakalo odalekile.

Imibiko yokuqala efike ehhovisini legatsha loFakazi BakaJehova e-United States ibonisa ukuthi uyedwa kuphela olimele ehhovisi legatsha kodwa akekho ofile. Isiphepho sadala umonakalo omncane ezakhiweni zendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Ingxenye engaphambili yelinye lamabhilidi yapheshulwa imimoya enamandla kodwa akekho owalimala. Ezakhiweni zamagatsha ePatterson naseWallkill, eNew York, kwahamba ugesi futhi okwesikhashana kwasetshenziswa imishini egaya ugesi; nokho, isakhiwo saseWallkill sisasebenzisa lowo mshini. Isiphepho saphazamisa nezokuxhumana kulezi zakhiwo.

Imibiko yokuqala yabonisa nalokhu okulandelayo: izindlu zokukhulekela ezingu-12 ezisetshenziswa oFakazi, ezibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso zalimala kakhulu, zilinyazwa izikhukhula nemimoya enamandla; imizi engu-219 yoFakazi yacishe yacekeleka phansi kwathi engu-169 yalimala kakhulu, engu-710 yalimala kancane. Amaqembu amaningana oFakazi kulezi zindawo aye ahlela ukusiza kule nhlekelele futhi asizana neziphathimandla zendawo ukuze anakekele izidingo zezikhonzi akanye nazo nabanye ngokushesha.

Kulungiselelwa ukugadla kwesiphepho, amabandla anxuswa ukuba amise indlela ephephile ezolandelwa lapho kuthuthelwa kwezinye izindawo. OFakazi abangaphezu kuka-1 100 bashiya imizi yabo singakafiki isiphepho. OFakazi bendawo bavula imizi yabo ukuze bangenise izikhonzi abakanye nazo ezilahlekelwe imizi noma ezingenagesi emizini yazo.

Izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi zisebenza ngokuzikhandla ukuze zinakekele izidingo zezikhonzi ezikanye nazo futhi zizoqhubeka zenza kanjalo uma nje isidingo sisekhona. Umkhulumeli woFakazi BakaJehova endlunkulu yomhlaba wonke uJ. R. Brown uthi: “Sikhathazeke kakhulu ngabo bonke abathintekile kule nhlekelele. Nokho kuyasijabulisa ukuthi siyakwazi ukusiza abanye ikakhulukazi esikhonza nabo ababhekene nemiphumela yalesi siphepho. Sicabanga ngabo njalo futhi siyabathandazela.”

Media Contact:

J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000