Dlulela kokuphakathi

MAY 31, 2013
E-UNITED STATES

OFakazi BakaJehova Balungisa Isakhiwo Esidumile Semfundo YeBhayibheli

OFakazi BakaJehova Balungisa Isakhiwo Esidumile Semfundo YeBhayibheli

ENEW YORK—Ngemva komsebenzi wokulungisa wezinsuku eziyisithupha, oFakazi BakaJehova baphinde bayivula iStanley Theater edumile eJersey City, eNew Jersey, ngo-April 13, 2013. OFakazi bebelokhu besebenzisa lesi sakhiwo njengeHholo LeMihlangano emikhulu yeBhayibheli iminyaka engaba ngu-30. Umsebenzi abawenzile uye wayivuselela le ndawo yokuthola imfundo yeBhayibheli yamahhala.

Izihlalo ezintsha ezifakiwe zenze lesi sakhiwo sakulungela kangcono ukuthwala abantu abangaphezu kuka-250 000 ababa nemihlangano minyaka yonke lapha. Ihholo elikhulu namagumbi aligudlile afakelwe isimiso se-video sezinga eliphakeme esiklanyelwe ngokuyinhloko ukubonisa uLimi Lwezandla LwaseMelika.

Cishe wonke umsebenzi wokulungisa wenziwe oFakazi BakaJehova kuphela abavume ngokuzithandela ukuba basize. Lezi zisebenzi zokuzithandela zize zivela ezindaweni ezihlukahlukene ze-United States ukuze zizohlanganyela ekulungiseni lesi sakhiwo esidala esinomlando okhethekile.

IStanley Theater ibilokhu iseNew Jersey kusukela ngasekupheleni kwawo-1920. Yayingesinye sezikhungo zokubukela amabhayisikobho ezinkulu kunazo zonke ezazike zakhiwa e-United States. Kwadingeka ivalwe ngo-1978 kodwa ngo-1983, oFakazi BakaJehova basivuselela lesi sakhiwo esinomlando omude esase siwohlokile. OFakazi bebelokhu besisebenzisela ukufunda ngeBhayibheli kusukela ngesikhathi siphinde sivulwa ngo-1985.

UJ. R. Brown, umkhulumeli woFakazi BakaJehova, usho lokhu mayelana nokulungiswa kwalesi sakhiwo kwamuva: “Ngokuyinhloko iStanley Theater isebenza njengendlu yokukhulekela, lapho abantu bezilimi ezingaphezu kuka-15 beza khona ukuze bafunde iBhayibheli. Kodwa abantu baseNew Jersey bayithanda kakhulu, futhi inhlangano yethu iyakujabulela ukuyigcina isesimweni esihle.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000