Dlulela kokuphakathi

JULY 10, 2013
E-UNITED STATES

OFakazi BakaJehova Basayina Isivumelwano Sokudayisa Inxanxathela Yezakhiwo EBrooklyn

OFakazi BakaJehova Basayina Isivumelwano Sokudayisa Inxanxathela Yezakhiwo EBrooklyn

ENEW YORK—Ngo-July 5, 2013, oFakazi BakaJehova basayine isivumelwano sokudayisela iRFR and Kushner Companies inxanxathela yezakhiwo ezinhlanu ababenyathelisela kuzo eBrooklyn, eNew York, kanye nendawo yokuhlala enezitezi ezingu-30. OFakazi bazoqala ukuthutha kulesi sakhiwo ngo-August kulo nyaka. Esakhiweni sokuhlala bazothutha ngo-2017.

“Izisebenzi eziningi nezivakashi zaseNew York City zibona amagama athi ‘Funda IZwi LikaNkulunkulu IBhayibheli Elingcwele Nsuku Zonke’ nathi ‘Funda INqabayokulinda ne-Phaphama!’ kulezi zakhiwo lapho ziwela iBrooklyn Bridge,” kuphawula uDavid Semonian, umkhulumeli woFakazi BakaJehova kwabezindaba. “Sekuyiminyaka eminingi umsebenzi owenziwa kulezi zakhiwo umelela ingxenye enkulu yomlando wenhlangano yethu nokuba khona kwethu lapha eBrooklyn.” OFakazi basebenzise lezi zakhiwo ezinhlanu iminyaka engu-77 ukuze banyathelise amaBhayibheli nezincwadi zokufunda ngeBhayibheli ngezilimi eziningi. Esokuqala saqala ukusetshenziswa ngo-1927, ekuqaleni kuka-1937 kwakhiwa ezinye. Isakhiwo sokuhlala esinezitezi ezingu-30 sasihlala izisebenzi ezingaba inkulungwane, ezazikwazi ukuya endaweni yokunyathelisa zingazange ziphumele ngaphandle.

OFakazi badayisa lezi zakhiwo ngoba bathuthela umsebenzi wabo enyakatho yedolobha. Ngo-2004, baqala ngokuthutha umsebenzi wokunyathelisa, ukuhlanganisa izincwadi nokuzithutha e-United States, bawuthuthela eWallkill, eNew York. Njengamanje, oFakazi bahlela ukuthuthela indlunkulu yabo yomhlaba wonke eWarwick, eNew York, futhi kuhlelwe ukuba umsebenzi wokwakha uqale ngasekupheleni kwalo nyaka.

UMnumzane Semonian uyanezela: “Sisijabulele ngempela lesi sikhathi eside esisichithe lapha eBrooklyn. Sisebenzise lezi zakhiwo ukuze sikhiqize izincwadi esisekelwe eBhayibhelini ezisiza abantu emhlabeni wonke. Manje sibheke phambili ekusebenziseni izakhiwo zethu ezintsha eWarwick ukuze siqhubekisele phambili umsebenzi wethu womhlaba wonke wokufundisa ngeBhayibheli.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000